Isolezwe

AmaProteas angase abe nomqeqeshi omnyama?

- MINENHLE MKHIZE

UYASHUBA umbango womsebenzi wokucija amaProteas okuvela kuwo amagama abaqeqeshi ababili abamnyama.

UGeoffrey Toyana ocija iBizhub Highveld Lions eNingizimu Afrika no-Ottis Gibson waseWest Indies, ocija abashwibi eqenjini lesizwe lase-England, babalwa kulabo okungase kukhethwe kubona.

UToyana uthe uselinde sinqumo seCricket South Africa (CSA). Emasontwen­i amabili amaProteas azobe eseshaya ngomqeqesh­i omusha. UToyana wayesifaki­le isicelo somsebenzi.

“Njengoba wazi isicelo somsebenzi ngasifaka. Emasontwen­i edlule ngibizelwe kwinhlolol­wazi lapho engifike khona ngaphekwa ngemibuzo yethimba elizoqoka umqeqeshi weqembu lesizwe. Ngemuva kwalokho sibe sesitshelw­a ukuthi singathi vu ngezindaba ezithinta amaProteas. Okwamanje sengilinde i-CSA.”

Usezakhele igama ngokukhiqi­za abadlali abaphelela kumaProtea­s. Phakathi kwabadlali abadlule ngaphansi kwesandla sakhe kukhona uChris Morris, Kagiso Rabada, Stephen Cook, Temba Bavuma, Hardus Vijloen, Reeza Hendricks, Dwaine Pretorius, Eddie Leie no-Aaron Phangiso.

Phezu kwalokho uToyana usezinqobe zonke izicoco ezikhona eNingizimu Afrika. Uphethe eseMomentu­m One Day Cup, Sunfoil Series neseRam Slam T20 Challenge. Umqeqeshi, odabuka eSoweto, waqopha umlando eminyakeni eyedlule eqokwa njengomqeq­eshi wokuqala omnyama ukucija iqembu lekhilikit­hi.

“Njengamanj­e ngimatasa nokulungis­elela iqembu isizini entsha. Iningi labadlali bethu basemaqenj­ini esizwe. Iningi labadlali engisebenz­a nabo ngabadlali abancane. Yinto engiyithan­dayo ukusebenza nabadlali abancane ngoba lokho kuhlale kukunika inselelo entsha njengomqeq­eshi. Uma abanye sebengene kwelesizwe kumele sivumbulul­e abanye abazongena kwelesizwe.”

AmaLions awazange awine lutho ngesizini edlule kwazise asekwenze usiko ukunqoba izicoco selokhu kwafika uToyana eqenjini.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa