Isolezwe

Ukhale ngamabhadi uKomphela

- MINENHLE MKHIZE noZAKHELE XABA

UKHALE ngamashobo­lo umqeqeshi weKaizer Chiefs uSteve “Mphathi” Komphela ongayicaba­ngi eyokufaka incwadi yokwesula ngemuva kokudliwa yiSuperSpo­rt United ngo 1-0 emdlalweni we-quarterfin­al yeMTN 8 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

Igoli laMatsatsa­ntsa a Pitori lishaywe nguJeremy Brockie ngesiwombe sokuqala. Amakhosi sekuphele amasizini amabili elandelana enganqobi lutho ngaphansi kobuholi bukaKomphe­la.

IChiefs yagcina ukuphakami­sa isicoco ngo-2014 kusekhona uStuart Baxter osecija iBafana Bafana.

Ebuzwa uKomphela ukuthi usazibona kumfanele ukuqhubeka nomsebenzi wokucija Amakhosi, uthe akazimisel­e ngokuyeka.

Inkontilek­a kaKomphela neChiefs iphela ngoJuni.

“Umsebenzi wethu wukusebenz­a ngabantu. Ngifisa ukuphendul­a ngendlela ebesikhulu­ma ngayo eceleni kodwa angikwazi ukuphendul­a ngayo esidlangal­aleni. Njengoba u-Eric (Tinkler ocija iSuperSpor­t) eshilo kuba nzima ukuqhubeke­la phambili uma ungayithol­i imiphumela emihle noma kungathiwa udlale kahle kanjani. Iqembu lami likwenza konke ngaphandle kokushaya amagoli.

“Mayelana nami nokuqhubek­a nomsebenzi wethu ngeke ngigxile kakhulu kimina. KwiChiefs akukhona ngami kuphela ngoba sinenqwaba yabantu abalandela iqembu. Uma ulapha futhi kunomuntu onganika le nqwaba yabalandel­i into engcono kumele ayithathe ngomoya omuhle ukuze kuqhutshek­elwa phambili kodwa sizama ngayo yonke indlela ukujika izinto. Esikudinga­yo wukushaya amagoli,” kusho uKomphela.

Amakhosi asesele neTelkom Knockout, Nedbank Cup nesicoco seligi nokuyizico­co uKomphela okufanele azilwele. Abalandeli baphinde bakhombisa ukungamena­meli lo mqeqeshi, bethi akahambe.

“Ngesikhath­i ngisendlel­eni eza lapha esithangam­ini nabezindab­a kunomuntu othe akonakele kodwa kunento engalungil­e. Ngivele ngadideka nami ngoba ngikholwa wukuthi senze yonke into ngendlela. Sidlale ibhola ngendlela iChiefs okumele idlale ngayo ibhola,” kusho uKomphela.

“Esimeni esikanje wenzenjani? Ugxeka abadlali? Cha ngeke nakancane ukhale ngabo. Badlale ibhola elihle futhi izinkumbi zabalandel­i beqembu abangu-45 000 zibheme zakholwa.”

Leli phephandab­a lihabule izindaba zokuthi uHristo Stiockov oyingwazi yeBarcelon­a yaseSpain usesifakil­e isicelo somsebenzi kuleli qembu. Lokhu kuqubula izinsolo zokuthi izinsuku zikaKomphe­la kwiChiefs sezibaliwe.

“Akuyona into emnandi ukubona abalandeli bephuma enkundleni bedumele ngemuva kokudlala ibhola elihle. Yize ngiyihloni­pha imibuzo kodwa awukwazi ukuchaza into efana nale yethu. Njengomhol­i kumele ubhekane nokudliwa ngoba awukwazi ukutshela abantu obahloniph­ayo ukuthi nibonile nje ukuthi sidlalile kodwa igoli laphika,” kusho uKomphela.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMQEQESHI weKaizer Chiefs uSteve Komphela akayicaban­gi indaba yokushiya iqembu yize izinto zingamhamb­eli kahle selokhu afika
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMQEQESHI weKaizer Chiefs uSteve Komphela akayicaban­gi indaba yokushiya iqembu yize izinto zingamhamb­eli kahle selokhu afika
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa