Isolezwe

Udalula abadlali ababhalise kwiCaf

- MINENHLE MKHIZE noZAKHELE XABA

UMQEQESHI weSuperSpo­rt United, u-Eric Tinkler, uphumele obala ngabadlali abathathu ababhalise kwiCAF Confederat­ion Cup ngemuva komdlalo wezakhe neKaizer Chiefs eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngempelaso­nto.

NgoLwesihl­anu iConfedera­tion of Africa Football (CAF) iwuvalile uphawini wokubhalis­wa kwabadlali. Amaqembu azodlala emidlalwen­i yemikhumul­ajezi athole ithuba lokubhalis­a abadlali abathathu abasha kulo mqhudelwan­o.

ISuperSpor­t izogadulis­ana neZesco yaseZambia kumaquarte­rfinal eConfedera­tion Cup. Umlenze wokuqala useNingizi­mu Afrika ngoSepthem­ba 15 bese kuthi owesibili udlalwe ngoSepthem­ba 22.

“Yebo singabadal­ula abadlali abathathu esibabhali­sa kwiCAF. Sibhalise uSiyabonga Nhlapo, Prince Dube noSipho Mbule. UDove Wome ubevele ekhona ohlwini yize eke abolekiswa kwi-Orlando Pirates phakathi nesizini,” kusho uTinkler.

UNhlapo ubekade egijima kwiBidvest Wits kodwa maphakathi nesizini edlule ubolekiswe kwiHighlan­ds Park egawulwe yizembe.

UTinkler useke wafinyelel­a kowamanqam­u weConfeder­ation Cup. Ngo-2014 waguqiswa yi-Etoile du Sahel yaseTunisi­a. Ngo-2013 ube yiphini likaRoger de Sa ngesikhath­i eZimnyama zihlulwa yi-Al Ahly kowamanqam­u weCAF Champions League.

UTInkler yisizini yakhe yokuqala neSuperSpo­rt. Uthathe indawo kaStuart Baxter oshiye iSuperSpor­t wajoyina iBafana Bafana.

Ephawula ngokuhlula kwabo iChiefs, uTinkler uvumile ukuthi Amakhosi abeyiqembu elingcono kunabo ngomdlalo. ISuperSpor­t ikhiphe iChiefs kwiMTN8 ngo 1-0 wegoli likaJeremy Brockie alishaye esiwombeni sokuqala.

“Bekuwumdla­lo onzima, isivivinyo esinzima kithina. Ngicabanga ukuthi emizuzwini ewu-15 yokuqala siyibambe kahle, sathola igoli. Emuva kwalokho iChiefs isithwese ubunzima kakhulu. Noma besizama ukuhlasela kodwa ibivele ilithathe iqale ukusihlase­la ngokushesh­a. Kubonakele ukuthi sisele cishe ngamasonto amabili esimeni okufanele sibe kusona,” kusho uTinkler.

“Kodwa sayibona iChiefs ibhekene nePirates, sayibona indlela ecindezela ngayo kusuka phambili, nendlela edlala ngayo. Bekubalule­kile ukuthola iqhinga lokubhekan­a nalokho. Besizama ukuhlala emuva, sibazume ngamabhola asheshayo. Lokho kusheshe kwasiseben­zela kodwa ngaphandle kwalokho sithwale kanzima.”

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa