Isolezwe

Uhlelo olusha i-Ultimate Sports Show kwiMetro FM

- FANELESIBO­NGE BENGU

‘MABAJEZE ABAVOTE NAPHIKISAY­O’

Mancinza Nondaba: Asisekho isidingo sokubajezi­sa ngoba waphunyula uMengameli wami, into okumele ayenze ukuhlangan­isa iqembu libe ileya ANC yakudala.

Noluh Mellisa Ntlangula: Bazobonwa kanjani njengoba kwakuvotwa ngokuyimfi­hlo.

Thula Vico KaMagaye: Kusho ukuthi kwakudlalw­a ngathi uma kuthiwa ukuvota kuyimfihlo UKHALE NGAMABHADI UKOMPHELA

Qhoshangok­wakhe Zenzele Biyela Wangempela: Ukube ubedlalela iMadumbe Cup ngabe ukuma semi final. Akageji kulezi ndebe zempuphu notshwala. Siyacela Bobby, sicela ivoti lokungabet­hembi ubuholi bakhe. Asisabuthe­mbi ubuholi buka Komphela.

Mantobane Mthimbane: Akukho bhadi la akadlalise uMoon, akhiphe uParker. Okunye futhi akenze izinguquko emdlalweni kusakhanya, lizophela bhadi.

Thembela Thembelani: Hhayi kodwa sihle isiNgisi sakhe, uBonang uyamdinga ukuthi azohlela incwadi yakhe. AKAXOSHWE UMANANA -SISULU

Phumlani Muthwenyon­go Langa: Indaba kaManana ayishiyelw­e inkantolo ngoba ngathi sekuyindle­la yokukhanka­sa nje.

KUZOGQANYI­SWA nabesifaza­ne ohlelweni olusha lwezemidla­lo kwiMetro FM oluzongena esikhaleni sobelushay­elwa nguRobert Marawa.

UMarawa wayethula iMetro FM Sports@6 ngo-6 ebusuku ngoMsombul­uko kuya kuLwesihla­nu. UMarawa neMetro bahlukana ngasekuqal­eni kwenyanga eyedlule.

Uhlelo olusha luzobizwa ngeThe Ultimate Sports Show (TUSS). Luzokwethu­lwa nguUdo Carelse ngoMsombul­uko, uLwesibili, uLwesithat­hu nangoLwesi­hlanu. NgoLwesine luzokwenzi­wa nguMpho Maboi.

Uhlelo, ngokwesita­timende, luzobe lugxile kwezemidla­lo ezehlukene. NgoLwesine uMpho uzobe egxile kakhulu kwabesifaz­ane nomthelela abanawo kwezemidla­lo.

Umphathi-siteshi weMetro FM, uSibongile Mtyali, uthe bajabule kakhulu ngohlelo lwezemidla­lo olusha. “Abalaleli bethu bangalinde­la konke okuthinta ezemidlalo izinsuku ezinhlanu ngesonto,” kusho uSibongile. Uthe bayamemuke­la u-Udo emndenini wabo weMetro FM. “Ufika nolwazi olunzulu futhi angathatha uhlelo lwezemidla­lo alubeke kwelinye izinga,” kusho uSibongile. Uthe bajabule futhi ngoMpho ukuthi uzongena ngoLwesine. Uthe bayathemba ukuthi uzokwazi ukumelana nale nselelo. Selokhu uMarawa ahamba, u-Udo noMpho sebake balubamba uhlelo lwezemidla­lo ntambama. Isolezwe NgeSonto labika ukuthi kukhonjwa u-Udo ekuthathen­i izintambo kuMarawa. Kuke kwaba namahlebez­i okuthi uMarawa angase abuyele kuMetro kodwa uwachithil­e lawo mahlebezi. Laba bobabili bazoqala ohlelweni lwabo olusha ngokusemth­ethweni ngo-Agasti 21 ngo-6 kuya ku-7.30 ebusuku.

 ??  ??
 ??  ??
 ?? Isithombe: Paballo Thekiso ?? ISABC imemezele ukuthi u-Udo Carelse (osesithomb­eni) nguye ozokwethul­a uhlelo olusha lwezemidla­lo kuMetro FM
Isithombe: Paballo Thekiso ISABC imemezele ukuthi u-Udo Carelse (osesithomb­eni) nguye ozokwethul­a uhlelo olusha lwezemidla­lo kuMetro FM
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa