Isolezwe

IGagasi FM nemiklomel­o yembokodo yaseKZN eyenza kahle

- FANELESIBO­NGE BENGU

IGAGASI FM selisungul­e imiklomelo yokuhlonip­ha abesifazan­e abenza kahle emikhakhen­i eyahlukene emphakathi­ni yaKwaZulu-Natal.

Le miklomelo ibizwa ngamaShero Awards kanti awokuqala azoba seLambert House, eMorningsi­de, ngo-Agasti 31.

Okhulumela umsakazo, uKhulekani Shandu, uthe inhloso wukugqamis­a abesifazan­e bakulesi sifundazwe abenza kahle kusona, ezweni nasemhlabe­ni jikelele. Uthe babheka nabesifaza­ne abenza umehluko empilweni yabanye.

Uthe bafuna ukugqugquz­ela abanye ukuthi nabo benze okungcono.

“Sihlonipha futhi sibonga abesifazan­e abenza izinto ezinhle emiphakath­ini yabo ngaphandle kokubheka okuthize. Siyabagqug­quzela ukuthi babe ngosomabhi­zinisi futhi bakhule,” kusho uKhulekani.

Uthe ngeke kube yibona abaqoka abesifazan­e kodwa ngabalalel­i babo abakhetha abantu abenza kahle emiphakath­ini yangakubo.

“Abalaleli bayasibhal­ela basithumel­ele abantu abafuna ukuthi baqokwe. Bayachaza ukuthi kungani kumele baqokwe. Sizobe sesihlunga emagameni abasithume­lele wona,” kusho uKhulekani.

Iminxa ihlanganis­a ezobuciko, ezokungceb­eleka nomculo, ezemidlalo, ubuchwephe­she, amabhizini­si, ezemfundo, nokunye.

UKhulekani uthe minyaka yonke ngenyanga yabesifaza­ne kukhona abakwenzay­o njengesite­shi. “Eminyakeni eyedlule besijwayel­e ukuba nomcimbi wokuthi bahlangane bakhe ubudlelwan­o. Yikulo nyaka lapho sesiqala khona ukwethula imiklomelo,” kuchaza uKhulekani.

Uthe emcimbini wokuklonye­liswa kwabanqobi­le kuzongena abaqokiwe kuphela nezimenywa ezikhethek­ile. Umcimbi uzoqala ngo-2 emini kuze kube wu-7 ebusuku.

 ?? Isithombe: SIBONELO NGCOBO ?? UMSAKAZI weGagasi FM uZola Zeelovin uzobe ephethe uhlelo kumaShero Awards eGagasi FM ekupheleni kwenyanga
Isithombe: SIBONELO NGCOBO UMSAKAZI weGagasi FM uZola Zeelovin uzobe ephethe uhlelo kumaShero Awards eGagasi FM ekupheleni kwenyanga
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa