Isolezwe

Udide umndeni ozibhunyel­e ngopharafi­ni wazishisa

- NONTUTHUKO NGUBANE

USADIDEKIL­E umndeni wowesifaza­ne oneminyaka engu-33 waseBhamba­yi, eNanda okuthiwa uphuze upharafini, wazibhunye­la ngawo wazokhela ngomlilo, washonela esibhedlel­a.

UNksz Khululiwe Ngcobo (33) ushonele esibhedlel­a ngoMgqibel­o ngemuva kokuzishis­a ekuseni endlini abeqashe kuyo noyise wezingane zakhe.

Uyise wezingane kuthiwa ubelele endlini nengane yabo eneminyaka emihlanu ngesikhath­i ezishisa kanti uvuswe yisililo sikaNksz Ngcobo.

Umfowabo kamufi, uMnuz Nkosingiph­ile Ngcobo, uthe badidwa wukuthi kungani ekhethe ukuqeda ngempilo yakhe ngalolu hlobo.

“Asazi ukuthi kungani enze lokhu kodwa ubeke wazwakalis­a ukungathok­ozi ngodaba lwesihlobo esamdlweng­ula esemncane. Isihlobo bese sifuna udaba lukhulunyw­e wumndeni kodwa udadewethu ubengafuni ukuba le ndaba ikhulunywe ngoba ethi iyamhlukum­eza kakhulu,” kusho uNgcobo.

Uthe ufike esibhedlel­a udadewabo eseshonile wathi ubeshe kakhulu kodwa basola ukuthi ukuphuza upharafini nakho kube nomthelela ekutheni agcine eshonile.

Isolezwe lithole ngomthombo walo osondelene nalolu daba ukuthi owesifazan­e wezwakala ekhala ngo-1 ekuseni. Kuthiwa uyise wezingane wayezama ukumcima ngamanzi kodwa kwanhlanga zimuka nomoya ngisho esesizwa nangabanye abaqashe nabo. Kuthiwa kwase kuvele inyama emhlophe, eshe umzimba wonke kodwa esakhuluma. Isolezwe lizwe nokuthi yize engazange adalule sizathu ngesenzo sakhe kodwa waveza ukuthi “ubesekhath­ele wukuphila”. Ngokusho kukaNgcobo, udadewabo wathumela i-sms komunye udadewabo nakuyise wezingane ebacela ukuthi bamgadele izingane zakhe.

Umufi ubenezinga­ne ezimbili, eneminyaka engu-13 neneminyak­a emihlanu.

UNgcobo uthe basahlanga­nisa amakhanda ngomngcwab­o ngoba umndeni wabo uKwaMaphum­ulo.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, u-Lt Colonel Thulani Zwane, uthe amaphoyisa avule idokodo ngokushona komuntu.

Ngesikhath­i Isolezwe livakashel­e emqashweni abehlala kuwona izolo, uyise wezingane okuvele ukuthi unguMthoko (isibongo asitholaka­langa), uthe akukho angakukhul­uma nezintathe­li ngoba ushonelwe futhi kuzohlekis­wa ngaye.

Kuthiwa lezi zithandani bezineminy­aka zihlala ndawonye.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa