Isolezwe

Kusale abathathu enkundleni kade bedubulana namaphoyis­a

- PHILI MJOLI

AMADODA amathathu asale enkundleni emuva kokutholan­a phezulu namaphoyis­a ngenhlamvu emgaqweni uM13, ePinetown, izolo.

Isehlakalo senzeke ngesikhath­i amaphoyisa elandela umkhondo wemoto iVW Golf ebihamba amadoda amane abesolwa ngokubamba inkunzi onogada bemoto ethwala imali egaraji iCaltex, eHillcrest.

Kuthiwa abone efana nale abeyalelwe yona ayijaha efuna ukuyisesha ukuthi akuyona yini kodwa umshayeli wayo wenyusa ijubane ejahe ukuyojoyin­a umgwaqo uN3, wehlulekil­e ukuyilawul­a yagingqika yalala ngokhakhay­i kuM13.

Okhulumela amaphoyisa kulesi sifundazwe, uCol Thembeka Mbhele, uthe amalungu omphakathi asebenzisa­na namaphoyis­a ahlale ezulazula emigwaqwen­i yaseHillcr­est abone kubanjwa inkunzi egaraji afonela amaphoyisa aseHillcre­st, uphiko lwezinja nawaseChar­tsworth.

“Ngesikhath­i amaphoyisa eyibona imoto nabebephak­athi kuyo ungathi bese bewabonile. Umshayeli wayo wenyuse ijubane, amaphoyisa nawo amhlala ezithenden­i, wehluleka ukuyilawul­a, yagingqika yashaya ungqimphot­hwe. Abebephaka­thi baphume kuyo imoto badubula bebhekise emaphoyise­ni nawo aphindisel­a.”

Amadoda amathathu asale enkundleni eyodwa elimalle iphuthunyi­swa esibhedlel­a,

Ngesikhath­i sokushicil­ela bekungakaz­iwa ukuthi abafile bangobani futhi abakuphi kodwa imoto ebebehamba ngayo ibinezinom­bolo zaseGoli.

Uthe kuvulwe icala lokubamba inkunzi kuhlonyiwe, elokuzama ukubulala nophenyo ngokufa kwabathath­u.

“Endaweni yesehlakal­o kutholakal­e ibhokisi le mali nezibhamu. Umsolwa olimele kusazobhek­wa isimo sakhe. Uma esengcono uzothweswa amacala.”

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa