Isolezwe

Iphoyisa lomgwaqo kwelokubul­ala umngani

- NONTUTHUKO NGUBANE

KUBOSHWE iphoyisa lomgwaqo ngezinsolo zokubulala umngani walo okuthiwa udubuleke ngephutha eMbali, eMgungundl­ovu izolo ekuseni.

UMnuz Sphelele Molefe (28) kuthiwa udubuleke ekhanda washonela esibhedlel­a, kwaboshwa iphoyisa nomunye umngani wabo abebehamba naye ngesikhath­i kwenzeka lesi sehlakalo.

Isolezwe lithole ukuthi bebephuma endaweni yokucima ukoma khona eMbali ngesikhath­i kwenzeka lokhu.

Umthombo weSolezwe osondelene nodaba uthe kusetshenz­iswe isibhamu sephoyisa kodwa kushone elayizolo kungakacac­i ukuthi ngubani phakathi kwephoyisa nomngani eliboshwe naye odubule umufi.

Okuvelile wukuthi kukhona obekade edlala ngesibhamu sephoyisa kwabe sekudubule­ka ngephutha.

Omunye umthombo ofike endaweni okwenzeke kuyona isehlakalo uveze ukuthi iphoyisa nomngani bebedakwe bengakwazi nokuma. Kodwa lokhu akuzange kuqiniseki­swe amaphoyisa njengoba kusaphenyi­siswa ngokwenzek­ile.

“Bekubukeka sengathi kade bephuza ubusuku bonke ngoba bebediyaze­la. Bebekhihla nesililo ubona nje ukuthi kwenzeke iphutha, bebengazit­sheli ukuthi kukhona ozodubulek­a,” kusho umthombo.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbhele, ukuqinisek­isile ukuthi kuboshwe ababili ngesehlaka­lo sokudutshu­lwa komuntu wathi bazovela enkantolo maduze. Uthe uphenyo luyaqhubek­a.

Imizamo yokuthola umndeni kamufi ayizange iphumelele izolo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa