Usathuthumela unina womsolwa ecaleni lekhanda lomngani
USATHUTHUMELA owesifazane waseMatatiele ngesihluku okuthiwa senziwe yindodana yakhe nomngani wayo sokushumpula umuntu ikhanda.
UNkk Nomatsekiseni Swaartbooi ngunina kaMnuz Lehlonono Swartbooi (32) ongumsolwa wesibili ecaleni elihlobene nokubulawa kukaMnuz Thembinkosi Nzimakwe (32), washumpulwa ikhanda, eMayville.
Umsolwa wokuqala kuleli cala nguMnuz Philani Jojisa obuye azibize ngoMemela (24) owaboshwa efake ikhanda kubhakha enkabeni yeTheku.
UNkk Swartbooi obesenkantolo yemantshi eThekwini izolo, uthe uyaqala ukungena enkantolo. Ufike eThekwini ngemuva kokuzwa ngesigameko.
“Namanje angikakholwa ukuthi ubengenza into enjena. Sesike sakhuluma naye siwumndeni ngalokhu, uyaphika kodwa ngeke ngimkhulumele ngoba angihlali naye,” kusho yena.
Uthe indodana yakhe ineminyaka ewu-15 yafika eThekwini kodwa ubengakaze ezwe ihlanganiswa necala lokubulala.
Uqhube wathi ubungani bakhe noJojisa ngokubona kwakhe abubuhle ngoba bobabili babhekene nelinye icala lokweba efemini abebesebenza kuyo. Bangaphandle ngebheyili.
Kuthiwa babephuza bonke ngosuku uNzimakwe agcinwa ukubonakala ngalo, bemgaxile kubonakala ukuthi uphuze kakhulu.
Ngakusasa uJojisa wabanjwa amaphoyisa ephethe ikhanda likaNzimakwe ngobhakha enkabeni yeTheku ngemuva kokuzama ukulidayisela inyanga. Kuthiwa wayefuna u-R20 000 ngalo, inyanga yabikela amaphoyisa, waboshwa. Isidumbu sikamufi esingenalo ikhanda satholakala ehlathini eBonela ngosuku aboshwa ngalo uJojisa.
Bobabili baboshelwe icala lokwephula umthetho wokushushumbiswa kwabantu nokutholakala nezicubu zomuntu.
UJojisa uvele yedwa enkantolo izolo, icala lahlehliselwa u-Agasti 21 ngoba uSwaartbooi akafikanga enkantolo kanti akucaci ukuthi kungani. UJojisa ungene ebhokisi ehamba ngezinyawo, eqhaqhazela kubukeka sengathi udidekile.