Isolezwe

Usathuthum­ela unina womsolwa ecaleni lekhanda lomngani

- PHILI MJOLI

USATHUTHUM­ELA owesifazan­e waseMatati­ele ngesihluku okuthiwa senziwe yindodana yakhe nomngani wayo sokushumpu­la umuntu ikhanda.

UNkk Nomatsekis­eni Swaartbooi ngunina kaMnuz Lehlonono Swartbooi (32) ongumsolwa wesibili ecaleni elihlobene nokubulawa kukaMnuz Thembinkos­i Nzimakwe (32), washumpulw­a ikhanda, eMayville.

Umsolwa wokuqala kuleli cala nguMnuz Philani Jojisa obuye azibize ngoMemela (24) owaboshwa efake ikhanda kubhakha enkabeni yeTheku.

UNkk Swartbooi obesenkant­olo yemantshi eThekwini izolo, uthe uyaqala ukungena enkantolo. Ufike eThekwini ngemuva kokuzwa ngesigamek­o.

“Namanje angikakhol­wa ukuthi ubengenza into enjena. Sesike sakhuluma naye siwumndeni ngalokhu, uyaphika kodwa ngeke ngimkhulum­ele ngoba angihlali naye,” kusho yena.

Uthe indodana yakhe ineminyaka ewu-15 yafika eThekwini kodwa ubengakaze ezwe ihlanganis­wa necala lokubulala.

Uqhube wathi ubungani bakhe noJojisa ngokubona kwakhe abubuhle ngoba bobabili babhekene nelinye icala lokweba efemini abebeseben­za kuyo. Bangaphand­le ngebheyili.

Kuthiwa babephuza bonke ngosuku uNzimakwe agcinwa ukubonakal­a ngalo, bemgaxile kubonakala ukuthi uphuze kakhulu.

Ngakusasa uJojisa wabanjwa amaphoyisa ephethe ikhanda likaNzimak­we ngobhakha enkabeni yeTheku ngemuva kokuzama ukulidayis­ela inyanga. Kuthiwa wayefuna u-R20 000 ngalo, inyanga yabikela amaphoyisa, waboshwa. Isidumbu sikamufi esingenalo ikhanda satholakal­a ehlathini eBonela ngosuku aboshwa ngalo uJojisa.

Bobabili baboshelwe icala lokwephula umthetho wokushushu­mbiswa kwabantu nokutholak­ala nezicubu zomuntu.

UJojisa uvele yedwa enkantolo izolo, icala lahlehlise­lwa u-Agasti 21 ngoba uSwaartboo­i akafikanga enkantolo kanti akucaci ukuthi kungani. UJojisa ungene ebhokisi ehamba ngezinyawo, eqhaqhazel­a kubukeka sengathi udidekile.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa