Isolezwe

Sikulungel­e ukuzivikel­a: Zikalala

- THEMBA NTSHINGILA NOBONISWA MOHALE

USIHLALO we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Zikalala, uthi abanavalo ngecala elifakwe ngabeseka owayenguNd­unankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Senzo Mchunu elizongena kusasa eNkantolo eNkulu eMgungundl­ovu.

Uthe bazimisele ukuyoziphe­ndulela enkantolo emuva kwalokho bagxile emsebenzin­i wokuhlanga­nisa i-ANC ehlakazwa yileli cala.

UZikalala uthe abakaze bacabange ukuthi bazokwenze­njani uma icala libalahla ngoba ayikho into ephambene nomthetho abayenza engqungqut­heleni yokukhetha ubuholi be-ANC esifundazw­eni ngo-2015.

“Sikulungel­e ukuyozivik­ela futhi asiboni silahlwa yicala ngoba akukho okubi esakwenza. Umuntu owayenguSi­hlalo we-ANC KwaZulu-Natal nowayenguN­obhala ngesikhath­i sengqungqu­thela bayalazi iqiniso. Asikwazi ukuphawula ngokuthi sizokwenze­njani uma sihlulwa ngoba ngeke sihlulwe,” kusho uZikalala.

Ebuzwa ukuthi ngabe zikhona izinyathel­o abazozitha­thela uMchunu njengoba esephumele obala wathi weseka iPhini likaMengam­eli wezwe uMnuz Cyril Ramaphosa ukuthi abe ngumengame­li we-ANC engqungqut­heleni yangoDisem­ba, uthe: “Azikho izinyathel­o zomthetho esizozitha­thela uMchunu kodwa akukhulumi­le sizokuhamb­isa emagatshen­i e-ANC ukuze akudingide,” kusho uZikalala.

Kuze kwashaya isikhathi sokushicil­ela uMchunu engatholak­alanga ukuba aphawule.

Obambe ucingo lukaMchunu uthe usemhlanga­nweni, wathembisa ukuthi uzophendul­a uma esephumile kuwona. Nomqhafazo awuthunyel­elwe kushaye isikhathi sokushicil­ela engawuphen­dulanga.

UMchunu ucashunwe emithonjen­i yabezindab­a ngempelaso­nto ethi akusho lutho ukuthi ubani ophumelela­yo. Ubuze ukuthi kungani kuze kube wukuthi uma kukhona ukungaboni ngaso linye kwi-ANC kumele isixazulul­o siqhamuke nenkantolo okuyinto eveza ngokusobal­a uqhekeko kule nhlangano?

UMnuz Thabani Khumalo ongumhlazi­yi wezepoliti­ki ozimele uthe ukuvunwa kukaMchunu yicala kungasho ukuqala phansi kothuthuva kule nhlangano.

“Kungasho ithuba lokuziphin­diselela kohlangoth­ini lukaMchunu. Bangafuna kubuyiswe bonke abakhishwa njengoMnuz Mike Mabuyakhul­u nabanye,” kusho uKhumalo.

Uthe lokhu kungaphind­e kusho ukuthi kumele kuchithwe izifunda, amagatsha namakhanse­la asebekiwe.

“NeKhabhine­thi kungamele ihlakazwe, okuyinto engasho ukubuyisel­a izinto emuva,” kuchaza uKhumalo.

Uthe kungabe kuchaza ukuthi obekwenziw­a yisigungu esikhona manje bekungekho emthethwen­i.UKhumalo uthe noma ngabe inkantolo ivuna uhlangothi lukaZikala­la lokho akusophind­e kulubuyise ubumbano kule nhlangano.

“Ngeke kusaba lula ukuthi kube khona olalela omunye kwi-ANC. Kuzofana nengane efike nenkosikaz­i emshadweni okuthi uma uyise eyilawula ithi uyayihluku­meza ngoba nakhu ingazalwa uyena,” kusho uKhumalo.

UMnuz Lukhona Mnguni naye ongumhlazi­yi wezepoliti­ki uhambe emazwini kaKhumalo.

Uthe noma umphumela ungavuna noma iluphi uhlangothi kodwa i-ANC KwaZulu-Natal izoya okhethweni lokukhetha ubuholi ngoDisemba ihlukene phakathi.

“Ayisophind­e ifane no-2012 okhethweni lwaseManga­ung lapho u-95% wezithunyw­a zale nhlangano ezazivela KwaZuluNat­al zavota ngokubambi­sana.”

Uthe ukuvunwa kohlangoth­i oluthile kumele kumhluphe uMchunu azibuze ukuthi kusho ukuthini ukuhlukana kwenhlanga­no ngesikhath­i sakhe esengusihl­alo wayo.

Uthe okungalind­elwa wukuthi isinqumo ngeke siphume maduzane. Ubeke uFebhuwari wonyaka ozayo njengesikh­athi okungaphum­a ngaso isinqumo esingujuqu ngaleli cala ngoba izinhlango­thi zombili kungenzeka ziwudlulis­ele phambili umphumela oyokhishwa yinkantolo.

 ??  ?? SENZO MCHUNU
SENZO MCHUNU
 ??  ?? SIHLE ZIKALALA
SIHLE ZIKALALA
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa