Isolezwe

Kufe owesine ‘ngombango wobukhosi’

- KHULEKANI MASEKO

SESENYUKEL­E kwabane isibalo sabashone kuhlaselwa amalungu omndeni wakwaNtsha­ngase eMatini eMamba ngaseMbong­olwane ngesonto eledlule, okusolakal­a ukuthi kuhlobene nombango wobukhosi.

UMnuz Nkanyiso Ntshangase (33) ushone ngoLwesihl­anu, esehlale isikhathi esinganges­onto esibhedlel­a angeniswe kuso elimele kanzima enamanxeba okusha nawokuduts­hulwa.

Kuthiwa ubengufaka­zi oqanda ikhanda kulokhu kuhlaselwa. Nguye okuthiwa wabiza igama lomunye wabasolwa edutshulwa. Kuthiwa ubeqashwe ngeso elibukhali amaphoyisa esibhedlel­a.

Kulesi sigameko kwashona obekuthiwa nguyena obezoba yinkosi yesizwe, uMnuz Doda Ntshangase ongcwatshw­e ngoMgqibel­o, uMnuz Gama Ntshangase noBongani Bhengu abafihlwe ngeSonto. Abashonile babelele endlini eyodwa ishiswa ngomlilo kuvulelwa nangenhlam­vu.

Umzala kamufi uNksz Silungile Ntshangase uthe basathuka izanya, besaba ngisho ukugoduka. Kumanje bahlezi ezihlotshe­ni.

“Siyesaba ukuthi uma sibuyela ekhaya kungase kuphinde kuhlaselwe,” kusho uNksz Ntshangase.

Uthe akusekho muntu wesilisa egcekeni lakubo njengoba umfowabo uMnuz Njabulo Ntshangase esesimeni esibucayi esibhedlel­a ngemva kokulimala ngesikhath­i kuhlaselwa.

Khonamanja­lo, amaphoyisa asebophe umsolwa wesithathu kuleli cala, ngemuva kokuthi abasolwa ababili abaneminya­ka ephakathi kuka-30 no32 bevele eNkantolo yasiFunda yaseShowe ngoLwesibi­li olwedlule.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLt Colonel Thulani Zwane uthe lo msolwa oneminyaka engu-54, kulindelek­e ukuthi avele eNkantolo yeMantshi yaseShowe maduze.

“Asemane amacala okubulala abasolwa ababhekene nawo njengoba isibalo sabashonil­e sinyukile, lilodwa elokuzama ukubulala,” kusho uZwane.

Ababoshiwe kuthiwa ngabozalo lakwaNtsha­ngase.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa