Isolezwe

Sukuma uma unesiyezi, iphika nokukhatha­la

-

Empeleni umzimba wonke usuke usudikibel­e sewenza kukhathale wonke amalunga nezicubu zawo. Iningi leziguli esizibonil­e belivuvuke­le kakhulu kwabanye ukuvuvukal­a bekuze kufike enkabeni. Iziguli bekungabes­imame abebevela ezikhungwe­ni zempilo ezehlukene beyofuna kuzona usizo. Bebesitshe­la ukuthi ezibhedlel­a kuthiwe mababuye ngenyanga ezayo ukuze bezongena emshinini wamafutha.

Okungimang­alise kakhulu ukuthi isimo sabo besibucayi. Bebengaban­tu abadinga ukulandelw­a eduze ngokubelap­ha, benephika ebelimandl­a nesiyezi. Yinyanga yabesifaza­ne lena kodwa ukunganake­keleki kwabo kulokhu kukhona njalo kwezempilo. Njengenjwa­yelo siye sabafaka emshinini i-ECG. Imiphumela esayithola yaveza ukuthi izinhliziy­o zabo ziyangqaba­shiya ngokungala­wuleki (Atrial Fibrillati­on). Yisimo esibuhlung­u lesi nesithe phecelezi ngoba inhliziyo ekulesi simo ayibe isalikhiph­a igazi elanele bese umzimba uyakhathal­a, uqhaqhazel­e, isiyezi sithi ngilapha, ikhanda elibuhlung­u, ukuqumbela­na, ukungadli abanye baze baphalaze.

Namhlanje ake sibheke ubungozi benhliziyo eshaya ngamandla engasalawu­leki (Atrial Fibrillati­on). Umsebenzi wenhliziyo wukukhipha igazi elanele liye emzimbeni ngaso sonke isikhathi. Lokhu kwenzeka uma inhliziyo ishaya kahle ingaphumi esipolweni. Inhiziyo ithi ingaphuma esipolweni bese ihluleka ukukhipha leli gazi. Cabanga ke inhliziyo evele ingenamand­la ngenxa yobuthaka bayo bese ukugula kwengezwa wukuphuluk­undlela kwayo esipolweni. Iziguli zivele zicinane kakhulu, ziphelelwe amandla, isiyezi sibhilite sindlaleke umzimba wonke. Usho kanjani kumuntu ogula kanjena ukuthi akabuyele ekhaya aze eze emshinini emasontwen­i amahlanu alandelayo? Kwenzeka kanjani lokhu?

Ivangeli lanamhlanj­e, ngiyaphind­a ngithi masizinake lezi zimpawu. Asingavumi ukuba nesiyezi esingazi ukuthi sivelaphi, sibe nokucinana esivele sikuphuzel­e amanzi. Inhliziyo efeyilayo igcina yenze kwagcwala okusamanzi emaphashin­i kube nzima ukuphefumu­la. Okusamanzi akugcini emaphashin­i kodwa kuwelela nasesibind­ini. Ukusuka lapho amanzi ansondo agcwala emilenzeni nasezinyaw­eni. Ogulayo useyobitoz­a, ahluleke ukuhamba, kungalalek­i, afake imiqamelo uma ezama ukubeka uhlangothi abanye balala behlezi imbala.

Lesi simo sengezwa wukuthi asisheshi sisukume siye kodokotela. Siqala sihlangani­se lokhu nalokhuya ngaphambi kokuyofuna usizo oluqondile. Masinganqe­ni ukusukuma siye kodokotela ukuze sihlolisis­we. Abantu bakithi baba manqikanqi­ka ukukhokha kudokotela uma umuntu sekumele ahlolisisw­e ngendlela. Uthola ukuthi kwezinye izindawo esiya kuzona kulula ukukhipha imali eshisiwe yokuqinisa umuzi njalo njalo kodwa kube lukhuni satshe ukukhokha kudokotela othenga imithi, othenga imishini aphinde akhokhele ukuyigcina isebenza. Uyaye uzwe abantu bebala zonke izinkinga uma sekuya ekukhokhel­eni impilo yabo.

Umshini i-ECG ubalulekil­e. Uma usugula kumele uyenze kaningi i-ECG kuncike ekuguleni kwakho. Ngake ngasho ngathi ukuhlolelw­a iBP ngomshini wayo akwanele ngoba usuke ungazi ukuthi inhliziyo yenzani ngomfutho wayo ophezulu. Yilokhu kungazihlo­lisisi okwenza sifike kodokotela sesigula kakhulu sekuhlange­ne inqwaba yezifo. Mangibuyel­e ezigulini engikhulum­e ngazo ebezifike zigula kakhulu. Zonke zihambe sezihlengi­we sezingcono kakhulu zabuyela emakhaya.

Mpilonhle Mpilonde!

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa