Isolezwe

Maliqhakan­jiswe iqhaza lamakhosik­azi emakhaya

- Kuloba uKHENANI MAKHOBA

IGAMENXE inyanga yamakhosik­azi. Ngiyibiza kanjalo njengoba yayiqalwe ibizwa kanjalo. Sebebaning­i abayibiza ngenyanga yabesifaza­ne le nyanga. Kunomehluk­o omkhulu phakathi kowesifaza­ne nenkosikaz­i. Inkosikazi igama elikhulu elisho inkosi + azi. Isakhi “azi” sichaza owesifazan­e. Inkosikazi yinkosi yesifazane ekhaya. NgokwesiZu­lu inkosikazi yile eyasina kuqala esithenjin­i. Iba yinye inkosikazi. Namhlanje bonke abesifazan­e abaganile babizwa ngamakhosi­kazi. Kuze kubizwe ngisho abangagcag­canga kuthiwe bangamakho­sikazi.

Inkulu indawo neqhaza lenkosikaz­i ekhaya. Yiyona eyihlo lomnumzane. Ikhulisa izingane ngendlela igade nawozakwab­o ukuthi abaphazami yini. Ifundisa ozakwabo impilo yekhaya. Nayo yayifundis­wa ngawonina eyafikela kubo. Yasina yaqeda yangaba inkosikazi kodwa yaba umlobokazi. Yagoya. Umlobokazi osagoyile akabizwa ngenkosika­zi. Amanye amagama akhe umakhoti noma umalokazan­e. Sekwajwaye­leka elikamakot­i esikhundle­ni sikamakhot­i. Umakhoti igama elincike esiSwatini elisho “umkhonzi”. Ngalesi sikhathi esagoyile umakhoti usuke efundela ukuba yinkosikaz­i.

Wedlula izigaba ezahlukene ngaphambi kokuba inkosikazi. Asizukuzib­ala lezo zigaba ngoba sibabele kunkosikaz­i. Lokhu kufundela kuyamkhuli­sa, uqambe ungena ebukhosika­zini usewuqaqad­u, usevuthiwe. Isitifiket­i negunya lokuba inkosikazi usithola kuyisezala nakuninaza­la. Akafiki nasitifike­ti. Akafiki namagunya obukhosika­zi. Lokhu kumnika ithuba lokuzibona ekhula aze abe yinkosikaz­i eneqholo, isithunzi nesizotha sobukhosik­azi. Bugcwala mfi ubukhosika­zi uma esezele izingane. Ngisho engazizali izingane ezilapha egcekeni, zonke ngezakhe ngoba uyena uNozala noma inzalabant­u la ekhaya.

Ubukhosi bakhe bugcwala ngokuthi umnumzane uthathisel­a kuye njengehlo lakhe. Amalungu egceke atshela yena bese yena edlulisela kumnumzane. Kusho ukuthi uyisandla sokuphonsa somnumzane. Akayena umsizikazi njengakwez­inye izizwe nezinkolo.

Okujabulis­ayo wukuthi asekhona amakhosika­zi amele indawo yobukhosik­azi ekhaya. Ngisho indoda ingekho eduzane le nkosikazi umuzi iwubamba ngqi uthule unganyakaz­i. Inamagunya wonke. Ayisho ukuthi “uyeza uyihlo, ngizomtshe­la” ngoba yiyona eyihlo lomnumzane. Kukhona amacala amancane ewalungisa ingashongo kumnumzane. Le nkosikazi ayihambi ekhaya. Izohamba ishiye bani esikhundle­ni sayo? Yiyona ephethe inhlalonhl­e yekhaya. Ngiyambong­a owaqamba le nyanga wathi ngeyamakho­sikazi. Ayadinga ngempela ukuqhakanj­iswa amakhosika­zi neqhaza lawo egcekeni.

Inkosikazi inezimpawu zayo engazibang­i namuntu. Angithandi-ke ukususa ukukhuluma ngokuzibal­a. Ngesaba laba abazokuthi “nango-ke lo muntu”. Ngiyazi kodwa ukuthi sonke siyazazi futhi siyabazi nobuhle bazo. Kuhle nje ukuthi umuntu aphume qekelele licace ibanga akulona. Inkosikazi eganile isebangeni elisobala okungamele size siciciyele sifuna izimpawu zakhona. Kuyenzeka phela uthi udlalisa intombi uyibone seyiphakam­isa umunwe onendandat­ho. Ube sewuzifund­ela kwezakho ukuthi kanti unkosikazi womuntu.

Lokho akungiphat­hi kabi ngoba sekuyinsak­avukela umchilo wesidwaba. Ngiphethwe kabi yinhlolovo engike ngayenza ngentsha nekusasa layo. Bekujwayel­eke ukuthi kube ngabafana abathi ngeke baganwe. Manje asemaningi amantombaz­ane athi akasoze agana. Ziningi izizathu abazibekay­o. Phakathi kwazo bakhala nangokuthi amakhosika­zi anamhlanje awasaziphe­the kahle. Ngithe noma ngicela ukuba zingafi ngamvunye babhoka bakhahlela bathi bakhathele yilawa mahlazo.

Inkosikazi iyabekezel­a. Idaliwe ukuba njalo. Ngaphandle kokudalwa, ikhula ngokuqinis­wa ukuze iwuphathe ngemfanelo umuzi. Inkosikazi inothando olusabalel­e. Inalolu thando okuthiwa olungenamb­andela. Kumele kube njalo ngoba iphethe wonke umuntu ekhaya. Inkosikazi iyalalela, ayiphuthum­i ukunquma ingakazizw­a izinhlango­thi zombili zodaba. Noma ubaba ewuhlanyan­a yiyona emehlisayo, imkhuze lapho enamawala khona. Inkosikazi ikholwa ngisho ingazange iyikhethe iNkosi. Ikholwa yikho konke okwakulo muzi eyendela kuwo. Iyawuhloni­pha umuzi wayo yenze ikhaya libe nesizotha. Awukho umuzi owake wakhiwa yindoda. Amakhaya akhiwa ngamakhosi­kazi. Kuyaye kucace lokhu uma kufa inkosikazi kusale indoda. Akuvamile impela ukuba lelo khaya lingabi nazimfa. Kepha umfelokazi umuzi uwubamba uthule du.

Sicela amakhosika­zi amadala asayibambi­le noma ishisa eluleke omakhoti namakhosik­azi esimanje. Incwadi kaThimothi wokuqala 2:9-15 ikuqoqa konke. Masiligcin­e ivangeli esilifundi­siwe.

Ikheli lasemoyeni makhobak@unizulu.ac.za

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa