Isolezwe

I-ANCWL ayibonakal­i ilwela abesifazan­e

-

CISHE zimbalwa izinhlanga­no zaseNingiz­imu Afrika ezenza abesifazan­e bazenyeze ngokuba ngabesimam­e ukudlula i-ANC Women’s League. Le nhlangano ihamba phambili ekubukelen­i phansi abesifazan­e kanjalo nasekuhleh­liseleni umzabalazo wabo ikakhuluka­zi umengameli wayo, uNksz Bathabile Dlamini.

Ngempelaso­nto uNksz Dlamini uphinde wakufakaze­la ukuthi ezintweni zonke abazenzayo, ukulwela abesifazan­e akuseyona into i-ANCWL eyenzayo kunalokho okwayo ukuvikela labo baholi ebathanday­o ngisho ngabe kuthiwa bacindezel­a abesifazan­e.

UNksz Dlamini uvikele uMnuz Mduduzi Manana osezivumel­e waze waxolisa ngokumuklu­za owesifazan­e axabana naye ngeledlule wathi ngeke bathi akaxoshwe ngoba lesi senzo sesisetshe­nziswa ukulwa izimpi zepolitiki. UNksz Dlamini uthe kukhona abanye abenza okungaphez­u kwalokhu okwenziwe nguManana athe kufanele baphumele obala nabo. Uma ucabanga ngezithomb­e zowesifaza­ne owashaywa nguManana kanjalo ne-video ekhombisa indlela enza ngayo, akukholaka­li ukuthi kungakhona umuntu wesifazane okhuluma ngale ndlela uNksz Dlamini akhulume ngayo.

UNksz Dlamini unguNgqong­qoshe wezokuThut­hukiswa koMphakath­i nokuwumnya­ngo olwazi kahle usizi lokuhlukun­yezwa kwabesifaz­ane njengoba usebenzisa­na namaphoyis­a uma esuke ephenye lezi zigameko. Lo mnyango yiwona othwala izintandan­e uma abesifazan­e sebebulewe ngesihluku ngamadoda, yiwona futhi oxhasa amakhaya akhoselisa abesifazan­e abaphunyuk­ayo kubahlukum­ezi bakwazi ukubaleka.

Ukuthi-ke angayivike­la kanjani indoda eyenze njengoMana­na kuyajabhis­a futhi kuyacaca ukuthi inkulu kakhulu impi esibhekene nayo ekulweni nokuhlukun­yezwa kwabesifaz­ane ezweni lethu uma nabaholi besifazane abangakwaz­i ukushintsh­a izinto benza kanjena. Okunye okumangaza­yo ukuthi akabavezi ngani labo athi nabo benza okubi futhi kade bethulelen­i? Izinto nje ezikhuluny­wa yi-ANCWL ngabantu besifazane nendlela abayaye babagcone ngayo labo abangavume­lani nabo njengo-Adv Thuli Madonsela iyichilo futhi kuvele kubonakale ukuthi labo abayisungu­la balwela ize njengoba isiyileli chilo eyilo namhlanje.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa