I-ANCWL ayibonakali ilwela abesifazane
CISHE zimbalwa izinhlangano zaseNingizimu Afrika ezenza abesifazane bazenyeze ngokuba ngabesimame ukudlula i-ANC Women’s League. Le nhlangano ihamba phambili ekubukeleni phansi abesifazane kanjalo nasekuhlehliseleni umzabalazo wabo ikakhulukazi umengameli wayo, uNksz Bathabile Dlamini.
Ngempelasonto uNksz Dlamini uphinde wakufakazela ukuthi ezintweni zonke abazenzayo, ukulwela abesifazane akuseyona into i-ANCWL eyenzayo kunalokho okwayo ukuvikela labo baholi ebathandayo ngisho ngabe kuthiwa bacindezela abesifazane.
UNksz Dlamini uvikele uMnuz Mduduzi Manana osezivumele waze waxolisa ngokumukluza owesifazane axabana naye ngeledlule wathi ngeke bathi akaxoshwe ngoba lesi senzo sesisetshenziswa ukulwa izimpi zepolitiki. UNksz Dlamini uthe kukhona abanye abenza okungaphezu kwalokhu okwenziwe nguManana athe kufanele baphumele obala nabo. Uma ucabanga ngezithombe zowesifazane owashaywa nguManana kanjalo ne-video ekhombisa indlela enza ngayo, akukholakali ukuthi kungakhona umuntu wesifazane okhuluma ngale ndlela uNksz Dlamini akhulume ngayo.
UNksz Dlamini unguNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi nokuwumnyango olwazi kahle usizi lokuhlukunyezwa kwabesifazane njengoba usebenzisana namaphoyisa uma esuke ephenye lezi zigameko. Lo mnyango yiwona othwala izintandane uma abesifazane sebebulewe ngesihluku ngamadoda, yiwona futhi oxhasa amakhaya akhoselisa abesifazane abaphunyukayo kubahlukumezi bakwazi ukubaleka.
Ukuthi-ke angayivikela kanjani indoda eyenze njengoManana kuyajabhisa futhi kuyacaca ukuthi inkulu kakhulu impi esibhekene nayo ekulweni nokuhlukunyezwa kwabesifazane ezweni lethu uma nabaholi besifazane abangakwazi ukushintsha izinto benza kanjena. Okunye okumangazayo ukuthi akabavezi ngani labo athi nabo benza okubi futhi kade bethuleleni? Izinto nje ezikhulunywa yi-ANCWL ngabantu besifazane nendlela abayaye babagcone ngayo labo abangavumelani nabo njengo-Adv Thuli Madonsela iyichilo futhi kuvele kubonakale ukuthi labo abayisungula balwela ize njengoba isiyileli chilo eyilo namhlanje.