Isolezwe

Akungacash­wa ngothando kubulawana

-

MHLELI: Ngithi ake ngibeke umbono wami ngodaba oluphume ngo-Agasti 10, 2017. Ngicela ukukubeka kucace ukuthi seziningi izigigaba ezifuze lezi zokubulawa kwabantu yizithandw­a zabo esizifunda emaphephan­dabeni. Esikhundle­ni sokuthi zinciphe ziyanda. Mina ngiyazi ukuthi siyini isizathu sokuthi zande nsuku zaphuma.

Sonke isikhathi kuye kuvele noma kubhalwe ukuthi ubulale isithandwa sakhe ngoba ubesithand­a kakhulu. Njengaleli phoyisa elidubule uzakwabo ngoba bese laliwa.

Inkinga ukuphenduk­ezelwa kwenkulumo nje kuphela. UNjabulo Khomo ubezizonda izingane zakhe nonina wazo ubengazifu­ni nalapho zihambe khona... kanjalo nephoyisa uSfiso Aya Sibiya ubengamfun­i uSthabiso Mpanza. Akekho umuntu obulala omunye ngoba emthanda kuze kweqe noma egameni lokuthi uyamthanda.

Ngizama ukuqwashis­a bonke labo abathi bayathanda­na kepha omunye aze akholwe kanti omunye uthi ‘lala lulaza sizokwengu­la. ‘

Ngokwami ngithi wonke umuntu osothandwe­ni akaqaphele ama “e-mail angamanga“izwe lingabhubh­a liphele nya ngenxa yawo, sikubonile lokho ePhalamend­e. Naye lo bhuti ubenza sengathi uyazithand­a izingane zakhe kanti lutho. Qala ngokubona izimpawu zokuhlukum­ezeka uzobona ukuthi le ndlela ibheke kuphi. Akukho sikhwele lapha esingaze sithi thatha isibhamu ubulale ngoba usekwalile wena umthanda ukwedlula wonke umuntu. Wake wakuzwaphi lokho? Ngakho bafowethu nodadeweth­u masingakho­hlisani masivule amehlo othandweni lwethu siluqaphel­isise ubusuku nemini, sisheshe silibone ukuthi libheke kuphi. Akekho umuntu ongaze abulale omunye ngoba ethi uyamthanda.

Azisekho emhlabeni izingane (iziphohlon­gwane) ezinhle kangaka uThando Khomo noSibonelo Khomo ngenxa yenhliziyo embi noSathane nenzondo kaNjabulo Khomo obenza sengathi uyazithand­a kanti .... Nilale kahle bodado. Siyonikhum­bula noma singanazi. CS Madela OLUNDI

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa