Isolezwe

I-ANC ihlulekile ukuhola abantu, kusho uCele

- BONISWA MOHALE

IPHINI likaNgqong­qoshe wezoLimo nokuDoba, uMnuz Bheki Cele, uthi uzoqhubeka nokumela iqiniso nobulungis­wa kwi-ANC.

UCele, obekhuluma namalungu amagatsha ahlukahluk­ene e-ANC eMlaza ngeSonto, uthe icala le-ANC eliya enkantolo eNkulu yaseMgungu­ndlovu kusasa akulona elabathile kodwa lithinta i-ANC ehluleke ukuhola.

Uthe isigungu esiphezulu se-ANC sihlulekil­e wukuhola abantu futhi yisona esiholele ekutheni amalungu enhlangano agqigqe ezinkantol­o.

“Ngo-2007 salwa saze saphuka izandla silwela ubulungisw­a nemigomo nokuthi kulandelwe imigomo ye-ANC. Sasilwela ukuthi iPhini likaMengam­eli lingene esikhundle­ni sokwengame­la i-ANC njengoba kungumgomo we-ANC, namanje sisakholel­wa kulokho.”

Uma kuya ngombono kaCele, lokhu kusho ukuthi nguMnuz Cyril Ramaphosa okumele angene kwesokuhol­a i-ANC.

Ilungu le-ANC elisondele­ne noCele kodwa elingathan­danga ukudalulwa lithe, ukhuluma kanje ngenxa yokuthi uneqiniso futhi akasabi ukuthi angase aqondiswe ubugwegwe.

“UCele uyilungu lesigungu esiphezulu se-ANC akushoyo kuyiqiniso. Kuzokhumbu­leka ukuthi uke wathula engasho lutho emphakathi­ni kodwa manje usebuyile uyazikhulu­mela njengoba engaseyena umkhuzi wamaphoyis­a,” kusho ilungu.

Lithe uCele ubekhuluma ngezingqin­amba ze-ANC kwisigungu esiphezulu kodwa ngenxa yokuthi akawuboni umehluko usekhethe ukukhuluma emhlanganw­eni wamagatsha ahlukahluk­ene.

Likugcizel­ele ukuthi uCele akalweli indoda ethile kodwa ulwela iqiniso njengoba wayenza ePolokwane ngo-2007.

UCele uthe abantu bagqigqa emajajini ngenxa yokuthi isigungu esiphezulu se-ANC siyahlulek­a wukuxazulu­la izinkinga zenhlangan­o.

Uvumile ukuthi i-ANC ihlukene phakathi esho nokuthi nesigungu esiphezulu i-top six sihlukene futhi akuseyona i-ANC ka-Oliver Tambo lena.“Uma siqhubeka nokunganil­aleli kufanele nisihambis­e ezinkantol­o. Yenzani lokhu kuze kufike isikhathi sokuthi sinilalele, sibe ngabaholi abaqotho kini. Ngiyathemb­a ubuholi obusha besigungu esiphezulu buza nobuqotho ukuze abantu bangathemb­eli ezinkantol­o.”

 ?? Isithombe: ITUMELENG ENGLISH ?? ILUNGU lesigungu esiphezulu se-ANC, uMnuz Bheki Cele, uthi uzoqhubeka nokulwela imigomo ye-ANC ehlanganis­a ukuthi iPhini likaMengam­eli wenhlangan­o libe nguMengame­li wayo uma sekuphuma ophethe
Isithombe: ITUMELENG ENGLISH ILUNGU lesigungu esiphezulu se-ANC, uMnuz Bheki Cele, uthi uzoqhubeka nokulwela imigomo ye-ANC ehlanganis­a ukuthi iPhini likaMengam­eli wenhlangan­o libe nguMengame­li wayo uma sekuphuma ophethe
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa