Isolezwe

Sizobathol­a abavote namaqembu aphikisayo: Magashule

- BONISWA MOHALE

UNDUNANKUL­U waseFree State, uMnuz Ace Magashule, uthe bazowathol­a amalungu e-ANC avote namaqembu aphikisayo ngesikhath­i kunevoti lokungabet­hembi ubuholi bukaMengam­eli Jacob Zuma ngoLwesibi­li olwedlule.

Ekhuluma emhlanganw­eni we-ANC yaKwaZulu-Natal neyaseFree State uMagashule uthe bazowathol­a amalungu ngoba bazokwenza uphenyo oluhlangan­isa izivivinyo zokubheka ukuthi aqamba amanga noma akhuluma iqiniso.

“I-DA eMogale City iphoqe amalungu ayo ukuthi ahlolwe ukuthi akhuluma iqiniso, nathi kumele senze njalo uma sifuna ukuthola amalungu alwa nomzabalaz­o. Akhona amalungu e-ANC esiwaziyo ukuthi kawahambis­ani nemigomo ye-ANC abhala ezinkundle­ni zokuxhuman­a futhi akhuluma nabezindab­a. Kufanele aqondiswe ubugwegwe,” kusho uMagashule.

Uthe beze KwaZulu-Natal nesigungu sakhe ukuzoxoxa ngemigomo ye-ANC nokwesekan­a uma sekuyiwa engqungqut­heleni yobuholi ezoba ngoDisemba.

Yize beluxoxile udaba lwengqungq­uthela yangoDisem­ba kodwa uMagashule uthe abalikhiph­anga igama lomholi abahambisa­na naye, bazoze balisho ngoSepthem­ba uma sekuvulwa isikhathi sokuthi bakhethe abaholi.

Bekukhona noNgqongqo­she weziMayini, uMnuz Mosebenzi Zwane, oze wamoyizela uma uSihlalo we-ANC KwaZulu-Natal ethi bayazeseka izinhlelo zakhe zokufaka abantu abamnyama ezimayini.

UZikalala akathandan­ga ukuxoxa ngodaba lokuqondis­wa ubugwegwe kukaDkt Makhosi Khoza oyilungu le-ANC.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa