Kufe owesine ‘ngombango wobukhosi’
SESENYUKELE kwabane isibalo sabashone kuhlaselwa amalungu omndeni wakwaNtshangase eMatini eMamba ngaseMbongolwane ngesonto eledlule, okusolakala ukuthi kuhlobene nombango wobukhosi.
UMnuz Nkanyiso Ntshangase (33) ushone ngoLwesihlanu, esehlale isikhathi esingangesonto esibhedlela angeniswe kuso elimele kanzima enamanxeba okusha nawokudutshulwa.
Kuthiwa ubengufakazi oqanda ikhanda kulokhu kuhlaselwa. Nguye okuthiwa wabiza igama lomunye wabasolwa edutshulwa. Kuthiwa ubeqashwe ngeso elibukhali amaphoyisa esibhedlela.
Kulesi sigameko kwashona obekuthiwa nguyena obezoba yinkosi yesizwe, uMnuz Doda Ntshangase ongcwatshwe ngoMgqibelo, uMnuz Gama Ntshangase noBongani Bhengu abafihlwe ngeSonto. Abashonile babelele endlini eyodwa ishiswa ngomlilo kuvulelwa nangenhlamvu.
Umzala kamufi uNksz Silungile Ntshangase uthe basathuka izanya, besaba ngisho ukugoduka. Kumanje bahlezi ezihlotsheni.
“Siyesaba ukuthi uma sibuyela ekhaya kungase kuphinde kuhlaselwe,” kusho uNksz Ntshangase.
Uthe akusekho muntu wesilisa egcekeni lakubo njengoba umfowabo uMnuz Njabulo Ntshangase esesimeni esibucayi esibhedlela ngemva kokulimala ngesikhathi kuhlaselwa.
Khonamanjalo, amaphoyisa asebophe umsolwa wesithathu kuleli cala, ngemuva kokuthi abasolwa ababili abaneminyaka ephakathi kuka-30 no32 bevele eNkantolo yasiFunda yaseShowe ngoLwesibili olwedlule.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLt Colonel Thulani Zwane uthe lo msolwa oneminyaka engu-54, kulindeleke ukuthi avele eNkantolo yeMantshi yaseShowe maduze.
“Asemane amacala okubulala abasolwa ababhekene nawo njengoba isibalo sabashonile sinyukile, lilodwa elokuzama ukubulala,” kusho uZwane.
Ababoshiwe kuthiwa ngabozalo lakwaNtshangase.