Uzithwese ijoka umengameli we-ASA
UMENGAMELI we-Athletics South Africa (ASA), u-Aleck Skhosana, usezithwese umthwalo onzima wokuthi iNingizimu Afrika ikhonye emhlabeni kwezokusubatha.
USkhosana ukusho lokhu ngesikhathi exoxa naleli phephandaba ngempumelelo yabasubathi bakuleli kwiIAAF World Championship ebiseLondon kule nyanga.
Abasubathi baseMzansi bagile izimanga bebuya nezindondo eziyisithupha. Lokhu kwenze iNingizimu Afrika yaqeda endaweni yesithathu emazweni aqoqe izindondo eziningi kulo mqhudelwano.
I-United States of America (USA) iqede iqhwakele ngezindondo ezingu-30. Ithole amagolide angu-10, amasiliva angu-11 nezindondo zethusi eziyisishiyagalolunye.
UMzansi uthole amagolide amathathu, isiliva nezindondo zethusi ezimbili.
“Sijabule ngomsebenzi omuhle owenziwe ngabasubathi. Basebenze kanzima ukubeka iNingizimu Afrika kuleli zinga ekulona. Ikusasa lihle ngoba nakumaYouth Championship abeseKenya senze kahle siqeda phezulu. Nabadala abazange baphoxe.
“Kusho lukhulu ukulala endaweni yesithathu emqhudelwaneni onamazwe angu-214. Njengamanje sekumele silwele ukuba ngunombolo 1. Lo mqhudelwano usikhombisile ukuthi ayikho into ongeke uyizuze uma usebenza kanzima futhi ugxile kokwenzayo. Nathi sifuna ukudlula iKenya, Jamaica ne-USA,” kusho uSkhosana.
UCaster Semenya uwuvale ngegiya eliphezulu umqhudelwano emuka nendondo yegolide ku-800m. Bekuyigolide lesithathu leNingizimu Afrika. Elokuqala latholwa nguLuvo Mayonga kwi-long jump. Elinye lithathwe nguWayde van Niekerk odle ubhedu ku-400m. Lo msubathi osezakhele igama ngokuphula amarekhodi uphinde wahlabana ngesiliva ku-200m. USemenya uvale ngegolide nje ku-1 500m ulale endaweni yesithathu ngemuva kwalokho wathola indondo yethusi. Indondo yesithupha ithathwe nguRuswahl Samaai othole ithusi kwi-long jump.
“Emhlabeni akekho umuntu owazalelwa ukuthi kuzonqoba yena ngakho ukusebenza kanzima ngukhiye wempumelelo kunoma yini oyenzayo. Ngeke siyiqambe ingakazalwa ngabasubathi bethu abenze kahle kuma-Youth Champs. Asibanike ithuba isikhathi sabo siyeza,” kusho uSkhosana.