Uphefumula ngokugabha iBucs
UNOZINTI weSuperSport United, uRonwen Williams, uphefumule okokuqala ngesinqumo sokugabha i-Orlando Pirates ebimfuna.
UWilliams ubesohlwini lonozinti abebegaqelwe yiPirates ngemuva kokushaya udaka kwabayo ngesizini edlule. EZimnyama zigcine zithenge uWayne Sandilands obegijima kwiMamelodi Sundowns kula masizini edlule.
UWilliams ubezofika abange ijezi noSiyabonga Mpontshane noJackson Mabokgwane kwazise uBrighton Mhlongo ugcine ebolekiswe kwiChippa United.
“Yize iPirates ibingifuna kodwa iSuperSport United yikhaya lami. Angikaze ngiphathwe kabi. Selokhu ngafika kuleli qembu ngiphethwe ntofontofo. Wonke amasizini sihlale sibanga izicoco okusho ukuthi nami ngiseqenjini elikhulu. Besingekho isidingo sokuthi ngishiye eqenjini. Kuyimanje sikuma-quarterfinal eCAF Confederation. Leli qembu liya kude kabi. ISuperSport ifana nomndeni kimina. Umndeni wami nawo usajabule ngokuthi ngidlala kwiSuperSport. Ngidlala njalo futhi nginqoba nezicoco. Kungani kumele ngiye kwelinye iqembu lapho ngingazi noma ngizodlala yini? Yingakho ngihlale lapha kwiSuperSport,” kusho uWilliams.
UWilliams uqale ukudlala esigabeni esikhokhelayo ngo-2010. Ukhulele eqenjini leSuperSport lenkulisa. Leli qembu uselidlalele imidlalo engaphezulu kuka-150. Useke wabizwa kwiBafana wadlala imidlalo emibili. Emdlalweni wokuqala wadedela amagoli amahlanu iNingizimu Afrika ilotsholwa yiBrazil ngo-5-0 e-FNB Stadium, eSoweto, eGoli kowesibili wangena ngesiwombe sesibili elakuleli kade lihamba phambili ngo-1-0 wafika wadedela amagoli amabili. Kulo mdlalo iBafana igcine idliwe yiZambia ngo-2-1.
“Angizange ngiqale kahle kwiBafana. Ngizimisele ngokukushintsha lokho. Okuhle wukuthi lapha kwiBafana kukhona uStuart Baxter ebengisebenza naye kwiSuperSport United. Ukuba khona kwakhe kuyangigqugquzela ngoba ngiyazi ukuthi uma ngenza kahle ngizolithola ithuba. Okumqoka wukuthi ngiqhubeke nokwenza kahle eqenjini lami. Kumele ngiqale yonke into eqenjini lami.
“Uma iqembu lenza kahle amathuba okubizwa kwelesizwe azokhula. Engikuthandazelayo wukungalimali. Ngesizini edlule ngiphazamiswe wukulimala,” kusho uWilliams.
Kusasa uBaxter uzomezela iqembu azogadla ngalo emdlalweni wokuhlungela ukuzibekisela indawo kwiNdebe yoMhlaba eseRussia ngonyaka ozayo. Elakuleli lizodlala neCape Verde ekhaya nasekuhambeni ngenyanga ezayo.
“Seneme ngokudlulela esigabeni esilandelayo seMTN 8. IChiefs ibalwa namaqembu ahamba phambili eNingizimu Afrika. Indlela abadlale ngayo ikukhombisile lokho. Bekungelula kodwa sikwazile ukulwa futhi saphumelela ekugcineni. Ngesizini edlule siphazamiswe wukulimala kwabadlali bethu abamqoka kodwa sizamile sixhuga. Sidlale imidlalo emibili yamanqamu sahlulwa owodwa sanqoba owodwa. Siyethemba ukuthi ukuthi sizokwazi ukuwunqoba lo mqhudelwano,” kusho uWilliams.
Ngesizini edlule iSuperSport inqobe isicoco seNedbank Cup yaguqiswa yiCape Town City kowamanqamu weTelkom Knockout. Kuma-semi final bazodlala neMaritzburg United ekhaya nasekuhabeni.
“Umqeqeshi nomqeqeshi unendlela yakhe yokudlala. U-Eric Tinkler naye uhlukile kuBaxter kodwa umehluko awumkhulu kangako. U-Eric usengeze izinto ezithize. Imimoya iphezulu futhi wonke umuntu usebenza kanzima,” kusho uWilliams.