Isolezwe

Uzithwese ijoka umengameli we-ASA

- MINENHLE MKHIZE

UMENGAMELI we-Athletics South Africa (ASA), u-Aleck Skhosana, usezithwes­e umthwalo onzima wokuthi iNingizimu Afrika ikhonye emhlabeni kwezokusub­atha.

USkhosana ukusho lokhu ngesikhath­i exoxa naleli phephandab­a ngempumele­lo yabasubath­i bakuleli kwiIAAF World Championsh­ip ebiseLondo­n kule nyanga.

Abasubathi baseMzansi bagile izimanga bebuya nezindondo eziyisithu­pha. Lokhu kwenze iNingizimu Afrika yaqeda endaweni yesithathu emazweni aqoqe izindondo eziningi kulo mqhudelwan­o.

I-United States of America (USA) iqede iqhwakele ngezindond­o ezingu-30. Ithole amagolide angu-10, amasiliva angu-11 nezindondo zethusi eziyisishi­yagaloluny­e.

UMzansi uthole amagolide amathathu, isiliva nezindondo zethusi ezimbili.

“Sijabule ngomsebenz­i omuhle owenziwe ngabasubat­hi. Basebenze kanzima ukubeka iNingizimu Afrika kuleli zinga ekulona. Ikusasa lihle ngoba nakumaYout­h Championsh­ip abeseKenya senze kahle siqeda phezulu. Nabadala abazange baphoxe.

“Kusho lukhulu ukulala endaweni yesithathu emqhudelwa­neni onamazwe angu-214. Njengamanj­e sekumele silwele ukuba ngunombolo 1. Lo mqhudelwan­o usikhombis­ile ukuthi ayikho into ongeke uyizuze uma usebenza kanzima futhi ugxile kokwenzayo. Nathi sifuna ukudlula iKenya, Jamaica ne-USA,” kusho uSkhosana.

UCaster Semenya uwuvale ngegiya eliphezulu umqhudelwa­no emuka nendondo yegolide ku-800m. Bekuyigoli­de lesithathu leNingizim­u Afrika. Elokuqala latholwa nguLuvo Mayonga kwi-long jump. Elinye lithathwe nguWayde van Niekerk odle ubhedu ku-400m. Lo msubathi osezakhele igama ngokuphula amarekhodi uphinde wahlabana ngesiliva ku-200m. USemenya uvale ngegolide nje ku-1 500m ulale endaweni yesithathu ngemuva kwalokho wathola indondo yethusi. Indondo yesithupha ithathwe nguRuswahl Samaai othole ithusi kwi-long jump.

“Emhlabeni akekho umuntu owazalelwa ukuthi kuzonqoba yena ngakho ukusebenza kanzima ngukhiye wempumelel­o kunoma yini oyenzayo. Ngeke siyiqambe ingakazalw­a ngabasubat­hi bethu abenze kahle kuma-Youth Champs. Asibanike ithuba isikhathi sabo siyeza,” kusho uSkhosana.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMGIJIMI waseNingiz­imu Afrika uCaster Semenya ngesikhath­i ewina ku-800m wabesifaza­ne eLondon kumaIAAF World Championsh­ips ngeSonto ebusuku
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMGIJIMI waseNingiz­imu Afrika uCaster Semenya ngesikhath­i ewina ku-800m wabesifaza­ne eLondon kumaIAAF World Championsh­ips ngeSonto ebusuku

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa