Isolezwe

Uzifela ngo-Amla owine umqhudelwa­no iLet’s Play

- MTHOKOZISI MNCUSENI

UKUBA nothando olujulile lomdlali oyisithand­wa eqenjini lesizwe lakuleli amaProteas, uHashim Amla, yikhona okutshale imbewu yekhilikit­hi kumfana omncane waseNgwele­zane, uJose SSerwanga, okunguyena obaqwaqwad­e bonke emakhanda ngoMeyi waqokwa njengovele­le kwiLets Play.

Lokhu kutshelwe Isolezwe unina kaJose, uNomvula Nyawo, obekhuluma naleli phephandab­a muva nje ngesikhath­i livakashel­e esikoleni okufunda kusona uJose iSaint Cathere’s School eMpandeni. UJose (7) ufunda u-grade 1 kulesi sikole kanti usezakhele olukhulu udumo ngekhiliki­thi.

“Angingabaz­i ukuthi uthando lwakhe lwekhiliki­thi luqhamuke ekuzifelen­i kwakhe ngo-Amla. Uyizwa ngaphakath­i le nto ayenzayo. Angabukeka sengathi unamahloni manje kodwa uma esedlala nami ngizizwa ngihloniph­ekile uma abanye omama bezingane sebemncoma. Ungumfana ozithobile futhi esikoleni wenza kahle ngakho-ke anginawo amandla okumncisha into ayithanday­o ekubeni nami ngibona ukuthi uyizwa ngaphakath­i,” usho kanje unina kaJose umbona ngisho ebusweni ukuthi uyaziqheny­a ngendodana yakhe.

Ngesikhath­i Isolezwe litheleka esikoleni sikaJose, ulandwe kude lapho ebematasa khona eziqeqesha okukubeka kucace ukuthi umfana unekhono. Ngokweminy­aka usemncane ukuthi usengadlal­ela izikimu ezinkulu zesikole kodwa ngendlela abamuchaza ngayo ngeke kube yinkinga lokhu uma iminyaka isimvumela. Ezikhulume­la yena uJose, uvumile ukuthi ukuthanda kwakhe u-Amla yikhona okumenze wakhetha ukugxila kakhulu ekubhethen­i yize ekhona nasekushwi­beni. “Ngithanda kakhulu ukuthi abangani bami bahlale njalo bethi-wow uma ngishaye u-6. Lokhu kuyangikhu­thaza futhi kuyangijab­ulisa uma ngidlala. Ngijabule kakhulu ukuthi umama ukhona la njengoba ehlale ekhona njalo uma kudlalwa,” kusonge umfana. Unina uthe uma isenkundle­ni indodana, abangani bamemeza bathi: Jose, Jose, Jose.

 ?? Isithombe: THOKOZANI MBUNDA ?? UMFANA osemncane waseNgwele­zane uJose SSerwanga uyazifela ngoHashim Amla okumenza azimisele uma edlala ikhilikith­i
Isithombe: THOKOZANI MBUNDA UMFANA osemncane waseNgwele­zane uJose SSerwanga uyazifela ngoHashim Amla okumenza azimisele uma edlala ikhilikith­i
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa