Isolezwe

Uphefumula ngokugabha iBucs

- MINENHLE MKHIZE

UNOZINTI weSuperSpo­rt United, uRonwen Williams, uphefumule okokuqala ngesinqumo sokugabha i-Orlando Pirates ebimfuna.

UWilliams ubesohlwin­i lonozinti abebegaqel­we yiPirates ngemuva kokushaya udaka kwabayo ngesizini edlule. EZimnyama zigcine zithenge uWayne Sandilands obegijima kwiMamelod­i Sundowns kula masizini edlule.

UWilliams ubezofika abange ijezi noSiyabong­a Mpontshane noJackson Mabokgwane kwazise uBrighton Mhlongo ugcine ebolekiswe kwiChippa United.

“Yize iPirates ibingifuna kodwa iSuperSpor­t United yikhaya lami. Angikaze ngiphathwe kabi. Selokhu ngafika kuleli qembu ngiphethwe ntofontofo. Wonke amasizini sihlale sibanga izicoco okusho ukuthi nami ngiseqenji­ni elikhulu. Besingekho isidingo sokuthi ngishiye eqenjini. Kuyimanje sikuma-quarterfin­al eCAF Confederat­ion. Leli qembu liya kude kabi. ISuperSpor­t ifana nomndeni kimina. Umndeni wami nawo usajabule ngokuthi ngidlala kwiSuperSp­ort. Ngidlala njalo futhi nginqoba nezicoco. Kungani kumele ngiye kwelinye iqembu lapho ngingazi noma ngizodlala yini? Yingakho ngihlale lapha kwiSuperSp­ort,” kusho uWilliams.

UWilliams uqale ukudlala esigabeni esikhokhel­ayo ngo-2010. Ukhulele eqenjini leSuperSpo­rt lenkulisa. Leli qembu uselidlale­le imidlalo engaphezul­u kuka-150. Useke wabizwa kwiBafana wadlala imidlalo emibili. Emdlalweni wokuqala wadedela amagoli amahlanu iNingizimu Afrika ilotsholwa yiBrazil ngo-5-0 e-FNB Stadium, eSoweto, eGoli kowesibili wangena ngesiwombe sesibili elakuleli kade lihamba phambili ngo-1-0 wafika wadedela amagoli amabili. Kulo mdlalo iBafana igcine idliwe yiZambia ngo-2-1.

“Angizange ngiqale kahle kwiBafana. Ngizimisel­e ngokukushi­ntsha lokho. Okuhle wukuthi lapha kwiBafana kukhona uStuart Baxter ebengisebe­nza naye kwiSuperSp­ort United. Ukuba khona kwakhe kuyangigqu­gquzela ngoba ngiyazi ukuthi uma ngenza kahle ngizolitho­la ithuba. Okumqoka wukuthi ngiqhubeke nokwenza kahle eqenjini lami. Kumele ngiqale yonke into eqenjini lami.

“Uma iqembu lenza kahle amathuba okubizwa kwelesizwe azokhula. Engikuthan­dazelayo wukungalim­ali. Ngesizini edlule ngiphazami­swe wukulimala,” kusho uWilliams.

Kusasa uBaxter uzomezela iqembu azogadla ngalo emdlalweni wokuhlunge­la ukuzibekis­ela indawo kwiNdebe yoMhlaba eseRussia ngonyaka ozayo. Elakuleli lizodlala neCape Verde ekhaya nasekuhamb­eni ngenyanga ezayo.

“Seneme ngokudlule­la esigabeni esilandela­yo seMTN 8. IChiefs ibalwa namaqembu ahamba phambili eNingizimu Afrika. Indlela abadlale ngayo ikukhombis­ile lokho. Bekungelul­a kodwa sikwazile ukulwa futhi saphumelel­a ekugcineni. Ngesizini edlule siphazamis­we wukulimala kwabadlali bethu abamqoka kodwa sizamile sixhuga. Sidlale imidlalo emibili yamanqamu sahlulwa owodwa sanqoba owodwa. Siyethemba ukuthi ukuthi sizokwazi ukuwunqoba lo mqhudelwan­o,” kusho uWilliams.

Ngesizini edlule iSuperSpor­t inqobe isicoco seNedbank Cup yaguqiswa yiCape Town City kowamanqam­u weTelkom Knockout. Kuma-semi final bazodlala neMaritzbu­rg United ekhaya nasekuhabe­ni.

“Umqeqeshi nomqeqeshi unendlela yakhe yokudlala. U-Eric Tinkler naye uhlukile kuBaxter kodwa umehluko awumkhulu kangako. U-Eric usengeze izinto ezithize. Imimoya iphezulu futhi wonke umuntu usebenza kanzima,” kusho uWilliams.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50. UNOZITNI weSuperSpo­rt United uRonwen Williams uthe ngeke alishiye iqembu ngoba ulithola njalo ithuba lokudlala
Isithombe: BACKPAGEPI­X THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50. UNOZITNI weSuperSpo­rt United uRonwen Williams uthe ngeke alishiye iqembu ngoba ulithola njalo ithuba lokudlala
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa