Isolezwe

Ugxeka abaholi beqembu lakhe

- MLUNGISI GUMEDE

OWAYENGUMH­OLI we-DA KwaZuluNat­al, uMnuz Sizwe Mchunu, ugxeka abaholi beqembu lakhe asebekhulu­ma ngengqungq­uthela yokukhetha ubuholi besifundaz­we ezoba ngoDisemba nonyaka.

Ebuzwa izolo ukuthi uzolungene­la yini ukhetho, uMchunu uthe ngeke akwazi ukuphawula ngezindaba zengqungqu­thela okwamanje ngoba lokho kuphambene nemigomo yeqembu.

UMchunu uthe kuseva ukuthi sekungakhu­lunywa ngengqungq­uthela, wengeza ngokuthi kusenezinh­lelo zangaphaka­thi eqenjini ezilandelw­ayo njengokucw­aningwa kobulungu nokugcotsh­wa kwamagatsh­a.

“Kungithusi­le ukubona abanye abantu bekhuluma ngengqungq­uthela yeqembu yesifundaz­we kwabezinda­ba. Lokho abakwenzil­e kukhombisa ukungayihl­oniphi imigomo yeqembu,” kusho uMchunu.

Yize uMchunu engazange abize amagama abantu kodwa bakhona abaholi be-DA asebeqalil­e ukuphawula ngengqungq­uthela. Phakathi kwabo kubalwa uMholi weqembu esifundazw­eni, uMnuz Zwakele Mncwango, noMkhulume­li wenhlangan­o esiShayamt­hetho KwaZulu-Natal, uNksz Mbali Ntuli.

Ngempelaso­nto engxoweni neSunday Tribune esesitebel­eni esisodwa neSolezwe, uMncwango uthe ukulungele ukuthi athathe ihlandla lesibili uma amalungu eqembu esamdinga.

UMncwango uthe ukulungele ukuthi kube khona abamphonse­la inselelo. Uthe weneme ngempumele­lo yeqembu ngaphansi kobuholi bakhe.

“Ngesikhath­i ngingena esikhundle­ni izinto ebeziphezu­lu ezinhlelwe­ni zami wukukhulis­a iqembu emakhaya, ukuthola ivoti lamaseNdiy­a nokugcina ivoti labamhloph­e. Konke ebengikufi­sa kwenzekile,” kusho uMncwango.

Uthe ngesikhath­i engena esikhundle­ni bebenamakh­ansela awu-140 kodwa manje asewu195.

“EThekwini sithathe ama-ward awu-10 kwi-ANC okuyimpume­lelo enkulu,” kusho uMncwango.

Uthe bakhethe ukuthi zonke izingqungq­uthela zezifundaz­we zibe kulo nyaka ngoba befuna ukuthi u-2018 bawusebenz­isele ukukhankas­ela u-2019.

“Bheka ingqungqut­hela yaseKZN, bekumele ibe ngonyaka ozayo kodwa sizoyenza kulo nyaka ngoba sifuna ukuthi ngonyaka ozayo sigxile ku-2019,” kusho uMncwango obenguSihl­alo waseKZN ngemuva kokuqumba phansi uMchunu ngo-2015..

UNksz Ntuli osephumele obala ezinkundle­ni zokuxhuman­a wathi uzovotela uMncwango ekutheni athathe ihlandla lesibili.

“Yize ingakavulw­a inkundla yokuthi kuphakanyi­swe amagama kodwa alikho iphutha ngokuthi umuntu aveze ukuthi uzovotela bani,” kusho uNksz Ntuli.

UNksz Ntuli uthe yena akafihli ukuthi uzovotela uMncwango,

 ??  ??
 ??  ?? ZWAKELE MNCWANGO
ZWAKELE MNCWANGO
 ??  ?? SIZWE MCHUNU
SIZWE MCHUNU

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa