Uqashwe amaphoyisa umndeni wababulewe
USUQASHWE ngamaphoyisa umndeni wababili ababulewe ngeledlule KwaMagwaza, eMelmoth, ababefunda eNxusa High okusolwa ukuthi ukuhlaselwa kwabo kuhlobene nombango wezigodi.
Ilungu lomndeni elingathandanga ukudalulwa lithe sebegadwa amaphoyisa ngoba bayesaba.
“Kumanje asazi ukuthi ngubani omunye ozohlaselwa. Abafana bonke bahambile endaweni ngoba besaba ukuthi bazohlaselwa. Lokhu kushiya abesifazane bodwa ekhaya. Sisizwa ukuba khona kwamaphoyisa ubusuku nemini ekhaya,” kusho ilungu lomndeni.
UMnuz Skhumbuzo Xulu (23) noMnuz Ntuthuko Mayisa (23) babulewe ngoLwesine oludlule ngemuva kokubulawa komfundi kaGrade 11 waseNxusa owayephuma emcimbini.
Umfundi owagwazwa owakwaLuthuli (igama elingatholakalanga) yena uhlala esigodini eThunzini.
Umndeni walaba bafana uthe awazi ukuthi kungani kukhethwe abomndeni wabo bahlaselwe. “Ngizwa kuthiwa laba bafana (ababulewe) babekhona emcimbini futhi bazama ukulamula abantu ababelwa njengoba kukhona owagcina ngokushona. Babelamula ngoba kungabafana abafunda esikoleni sabo sakudala. Kusiphatha kabi, ukubulawa kwamalungu omndeni wethu ngesihluku esingaka ngesizathu esingasazi,” kusho ilungu lomndeni.
UMayise noXulu baqede uGrade 12 eNxusa High ngonyaka odlule. Bebebamba amatoho nonyaka.
Ngokuthola kweSolezwe kunokuxabana phakathi kwabafundi bakulesi sikole abavela ezigodini ezahlukene. Ingxabano akwaziwa ukuthi idalwa yini.
Abafana abahlala KwaMagwaza kuthiwa bayiswe ekubhaceni kuze kube kudamba isimo. Izolo, kuthintwa usihlalo wesigungu sabazali kulesi sikole, utshele Isolezwe ukuthi akukho abangakuphawula.
Uthe kumele kuthintwe uMnyango wezeMfundo ngodaba oluthinta isikole. Umnyango uphawule ngokuthi usathumele ithimba lawo kulesi sikole.
Uphenyo lwamaphoyisa luyaqhubeka ngalesi simo. Akekho osaboshiwe kuzo zombili izigameko zokubulawa kwabantu kule ndawo.