Isolezwe

Uqashwe amaphoyisa umndeni wababulewe

- NONTUTHUKO NGUBANE

USUQASHWE ngamaphoyi­sa umndeni wababili ababulewe ngeledlule KwaMagwaza, eMelmoth, ababefunda eNxusa High okusolwa ukuthi ukuhlaselw­a kwabo kuhlobene nombango wezigodi.

Ilungu lomndeni elingathan­danga ukudalulwa lithe sebegadwa amaphoyisa ngoba bayesaba.

“Kumanje asazi ukuthi ngubani omunye ozohlaselw­a. Abafana bonke bahambile endaweni ngoba besaba ukuthi bazohlasel­wa. Lokhu kushiya abesifazan­e bodwa ekhaya. Sisizwa ukuba khona kwamaphoyi­sa ubusuku nemini ekhaya,” kusho ilungu lomndeni.

UMnuz Skhumbuzo Xulu (23) noMnuz Ntuthuko Mayisa (23) babulewe ngoLwesine oludlule ngemuva kokubulawa komfundi kaGrade 11 waseNxusa owayephuma emcimbini.

Umfundi owagwazwa owakwaLuth­uli (igama elingathol­akalanga) yena uhlala esigodini eThunzini.

Umndeni walaba bafana uthe awazi ukuthi kungani kukhethwe abomndeni wabo bahlaselwe. “Ngizwa kuthiwa laba bafana (ababulewe) babekhona emcimbini futhi bazama ukulamula abantu ababelwa njengoba kukhona owagcina ngokushona. Babelamula ngoba kungabafan­a abafunda esikoleni sabo sakudala. Kusiphatha kabi, ukubulawa kwamalungu omndeni wethu ngesihluku esingaka ngesizathu esingasazi,” kusho ilungu lomndeni.

UMayise noXulu baqede uGrade 12 eNxusa High ngonyaka odlule. Bebebamba amatoho nonyaka.

Ngokuthola kweSolezwe kunokuxaba­na phakathi kwabafundi bakulesi sikole abavela ezigodini ezahlukene. Ingxabano akwaziwa ukuthi idalwa yini.

Abafana abahlala KwaMagwaza kuthiwa bayiswe ekubhaceni kuze kube kudamba isimo. Izolo, kuthintwa usihlalo wesigungu sabazali kulesi sikole, utshele Isolezwe ukuthi akukho abangakuph­awula.

Uthe kumele kuthintwe uMnyango wezeMfundo ngodaba oluthinta isikole. Umnyango uphawule ngokuthi usathumele ithimba lawo kulesi sikole.

Uphenyo lwamaphoyi­sa luyaqhubek­a ngalesi simo. Akekho osaboshiwe kuzo zombili izigameko zokubulawa kwabantu kule ndawo.

 ??  ??
 ??  ??
 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UMNDENI uthuka izanya emuva kokubulawa kukaNtuthu­ko Mayisa noSkhumbuz­o Xulu. Lapha babefake umfaniswan­o wesikole eNxusa High ngonyaka odlule besafunda
Isithombe: SITHUNYELW­E UMNDENI uthuka izanya emuva kokubulawa kukaNtuthu­ko Mayisa noSkhumbuz­o Xulu. Lapha babefake umfaniswan­o wesikole eNxusa High ngonyaka odlule besafunda
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa