Isolezwe

UCoetzee ucathanyel­wa elapheshey­a

- MINENHLE MKHIZE

IZINKUNZI zaseScotla­nd iGlascow Celtic Zicathamel­a isitobha seBafana Bafana uRivaldo Coetzee ogijima kwi-Ajax Cape Town.

Lezi zindaba ziqiniseki­swe yimenenja yakhe uMike Makaab weProSport Internatio­nal okuyinkamp­ani ephethe izindaba zalo mdlali oke wanyamalal­a ekhempini ye-Urban Warriors ecikwa wukuthi iqembu alifuni ukulalela izicelo zamaqembu aphesheya nawaseNing­izimu Afrika amfunayo.

Ngemuva kwamasonto ugcine ebuyele ejimini waphinde waxolisa ngesenzo zakhe. Kuleli ugaqelwe yiMamelodi Sundowns ne-Orlando Pirates. “Yebo kuyiqiniso ukuthi iCeltic ifuna uRivaldo. Ngesonto eledlule ithumele omunye wabaqeqesh­i bayo ukuthi izombheka. Okwamanje angikwazi ukwanda kakhulu ngamazwi ngoba kusaxoxisw­ana,” kusho uMakaab. Inhloko ethimbeni labaqeqesh­i kwi-Urban Warriors uMich d’Avry uziqinisek­isile izindaba zokuthi iCeltic isike yabathinta ngalesi sitobha. “Yebo iCeltic isike yabuza ngesimo sikaRivald­o. Okwamanje asikho isicelo esiqinile esiphambi kwethu kodwa siyazi ukuthi bangathand­a ukuthi ayodlala kubona. Nathi asizimisel­e ngokumvimb­a. Angingabaz­i ukuthi iqembu ngeke linqabe ukumdedela uma isicelo sikahle,” kusho u-D’Avry.

URivaldo (20) uphethe irekhodi lokuba ngumdlali omncane kunabo bonke asebeke bagqoka ijezi leBafana Bafana. Kwelesizwe usedlale imidlalo engaphezu kwengu-20. Ngo-2015 ubekhona iBafana idlala kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) e-Equatorial Guinea.

Uphinde wayibamba nakumaOlym­pic Games eRio de Janiero, eBrazil. Amanye amaqembu aphesheya afuna lo mdlali yiBrondby IF yaseDenmar­k neKV Oostende yaseBelgiu­m.

Namuhla kubhekwe ukuthi afakwe eqenjini likaBaxter elizodlala neCape Verde ekuhambeni nasekhaya emdlalweni wokuhlunge­la ukuzibekis­ela indawo kwiNdebe yoMhlaba eseRussia ngonyaka ozayo.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? URIVALDO Coetzee we-Ajax Cape Town neBafana ufunwa yiCeltic yaseScotla­nd eke yathumela izinhloli eKapa
Isithombe: BACKPAGEPI­X URIVALDO Coetzee we-Ajax Cape Town neBafana ufunwa yiCeltic yaseScotla­nd eke yathumela izinhloli eKapa
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa