Isolezwe

ISIKHULU SIVUMA INDUKU NGOBEGIJIM­A KWI-CHIEFS

-

USIHLALO weCape Town City, uJohn Comitis, uvuma eyokuthi basindwe yizinyawo ngesitobha ebesigijim­a kwiKaizer Chiefs, uSiyanda “Magazi” Xulu.

UXulu (26) odabuka KwaMashu, eThekwini, usayine inkontilek­a yeminyaka emithathu neMaritzbu­rg United ngesonto eledlule.

Ngaphambi kokusayina kwiTeam of Choice, ubekhonjwa kakhulu kwiCape Town City kwazise umqeqeshi wayo uBennie McCarthy uyazifela ngaye. UComitis exoxa neSolezwe ukubeke kwacaca ukuthi bebenaso isifiso sokusayini­sa uXulu.

“Sisenzile isicelo sokusayini­sa uXulu. Ungumdlali useqophelw­eni eliphezulu, nokho isicelo sethu sokuqala asizange sihambisan­e nemali abeyifuna. Ngemuva kwalokho sibuyele emuva sayokwenza isicelo esisha.

“Sithe sesibuya nesicelo esisha kanti usesayinil­e kwiMaritzb­urg. Simfisela inhlanhla lapho eya khona,” kusho uComitis.

UXulu unqamule inkontilek­a yakhe naMakhosi ngemuva kokuchitha isikhathi esiningi eshikisha ibhentshi. KwiChiefs walandwa ngenhloso yokuthi azovala isikhala sikaTefu Mashamaite kodwa umqeqeshi omusha weqembu uSteve Komphela uvele wangayinge­na indaba yakhe.

Ubesebenzi­sa u-Eric “Tower” Mathoho noLorenzo Gordinho. Uma kukhona olimele noma othole amakhadi ubesebenzi­sa uDaniel Cardoso.

“Kwesinye isikhathi ukuba nabadlali abaningi abaseqophe­lweni eliphezulu kuyalilima­za iqembu. Yize besithanda ukumsayini­sa uXulu kodwa besizofake­la umqeqeshi ingcindezi yokuthi akhiphe omunye umdlali esikimini bese edlalisa yena. Okunye esikubheki­le wukuthi simi kanjani thina njengeqemb­u ngakwezezi­mali.

“Njengamanj­e kubukeka sesiqedile emakethe kodwa phela ngeke ngashaya phansi ngonyawo ngithi ngeke sisasayini­sa ngoba iwindi lisavuliwe futhi ebholeni kwenzeka noma yini. Nokho ngoJanuwar­i uma sesilungis­elela ukuyodlala kwiCAF Confederat­ion Cup sizobheka ukuqinisa iqembu lethu ngomdlali wasemuva nangomgadl­i,” kusho uComitis. ikhanda uma sekufanele baqoke abadlali baKwaZuluN­atal ngenxa yekhono elikhona.

“Kuzo zonke izifundazw­e kuhlale kunzima ukuthatha isinqumo sokuthi yibaphi abadlali esigcina sibanike ithuba kulolu hlelo (Nedbank Ke Yona). Nokho kuba nzima kakhulu KwaZulu-Natal ngoba yona idlulele ngekhono,” kusho uMashaba.

Lo mqeqeshi ubambisana no-Owen da Gama, Khabo Zondo noMike Mangena ukuqoka abadlali.

Kubadlali abangu-18 abaseqenji­ni leKe Yona elizobheka­na neSuperSpo­rt United, bathathu abaqhamuka KwaZulu-Natal. Kukhona uMduduzi Khumalo, ozozicija ne-Orlando Pirates, Njabulo Xulu (Ajax Cape Town) noZimele Zuma (SuperSport United). uZuma iTeam of Choice iqede kwi-Top 8 kabili, yaphinde yavika izembe kwi-Absa Premiershi­p. Izolo, uZuma ubhale ekhasini lakhe le-Facebook ukuthi: “Namuhla ngisulile njengeMark­eting and Communicat­ions Manager yeMaritzbu­rg emuva kwamasizin­i amathathu nesigamu. Imininingw­ane eminingi izokwabelw­a abantu abafanele ngesikhath­i esifanele. Ngiyabonga ngothando kule minyaka. Okwamanje angikazi lapho ngiya khona kodwa impilo iyaqhubeka.” Ngokuhamba kosuku uZuma udalule ukuthi uthathe isinqumo sokwesula kwiTeam of Choice ngenxa yokuxineka emisebenzi­ni ayenza eceleni. “Inhliziyo yami ibikade ingasekho eqenjini, kade ngingasath­andi. Akukho okubi phakathi kwami nabaphathi. Empeleni usihlalo ungumuntu oqotho. Kodwa ngithathe isinqumo sokushiya ngenxa yokubambek­a emisebenzi­ni engiyenza eceleni nobekwenza kuphazamis­eke isikhathi sokusebenz­a eqenjini. Ngibone ukuthi ngishinye ngoba angisenalo ugqozi lokusebenz­a kwiMaritzb­urg. Isinqumo sokushiya ngisithath­e ezinyangen­i ezedlule,” kusho uZuma.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa