Isolezwe

Bazoxoshwa abanqaba umuthi

- MINENHLE MKHIZE

IQEMBU lePremier Soccer League (PSL), iMbombela United, eligijima kwiNationa­l First Division (NFD) lisabisa ngokuxosha abadlali balo abenqaba ukusebenzi­sa umuthi.

Lokhu kuvezwe ngumengame­li weSouth African Football Players’ Union (Safpu), uTebogo Monyai izolo ekuseni.

“Njengamanj­e udaba esiphezu kwalo yilolu lwabadlali beMbombela United abasibikel­e ukuthi iqembu libesabisa ngokubakho­mba indlela uma benqaba ukusebenzi­sa umuthi.

Emasontwen­i edlule iMbombela ibinekhemp­u eMozambiqu­e. Lapha kuthiwa bafike baya esangomeni. Isangoma kuthiwa besisika kancane abadlali izicubu ezithize zomzimba bese sithatha igazi labo silihlanga­nise.

“Nomqeqeshi u-Ashwin Sutton ugcine eshiyile ngenxa yale nto. Abadlali bayaphoqwa ukuthi bageze ngomuthi baphinde bawuphuze. Kuthiwa uma benqaba ukulandela imiyalelo izinkontil­eka zabo zizonqanyu­lwa. Yingakho-ke singenelel­a thina njengenhla­ngano emele amalungelo abadlali. Ezinkontil­ekeni zabo akukho lapho kubhalwe khona ukuthi bazosebenz­isa umuthi,” kusho uMonyai. IMbombela isezinhlel­weni zokubuya kabi ngesizini ezayo ukuze ishubise umbango weNFD. “Ngicabanga ukuthi noma yiliphi iqembu kubaluleki­le ukuthi ngaphambi kokuthi lisayinise abadlali lihlale nabo phansi libatshele ukuthi lisebenza kanjani. Ukusebenzi­sa umuthi akusilona ihlazo. Kuwumkhuba wethu njengabant­u abamnyama kodwa akubona bonke abantu abawuseben­zisayo. Abadlali abakhalayo abananking­a nomuthi. Inkinga wukuthi basikwe izicubu ezithize zomzimba, ukuthathwa kwegazi labo, ukuphuza umuthi nokugeza ngawo.

“Lokho kungadala izinkinga ezinkulu empilweni yabo. Abananking­a nokuthi ufakwe emajezini, yisebholen­i nokuthi uchelwe enkundleni. Nathi ibhola silidlalil­e futhi amanye amaqembu abewuseben­zisa umuthi kodwa asikaze siphoqwe ukuthi sigeze ngawo noma sisikwe izicubu ezithize zomzimba,” kusho uMonyai.

Umuthi yinto engeyintsh­a ebholeni. Ezinye izinkakha ezazidlala ibhola esigabeni esikhokhel­ayo sezike zaphumela obala ngokuthi beziwusebe­nzisa.

“IMbombela United siyibhalel­e incwadi siyazisa ukuthi sesiyazi ngalolu daba. Uma bengalulun­gisi sizozifike­la thina eMbombela. Abadlali abakwazi ukuphathwa ngale ndlela,” kusho uMonyai.

Ethintwa usihlalo weMbombela United, u-Oupa Matsebula, ucingo lwakhe belukhala lungabanjw­a. Imiyalezo athunyelel­we akazange ayiphendul­e.

Umdlali weMbombela akafunanga ukuphawula ezithethel­ela ngokuthi: “Angiyazi mina into enjalo kodwa sengike ngezwa kukhulunyw­a ngayo kwabezinda­ba.”

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa