Isolezwe

Kuthe cosololo efakwa kwelesizwe

- MINENHLE MKHIZE

UHLOSE ukuzinza eqenjini lesizwe le-netball uJessica Khomo obizelwe eqenjini lesizwe amaProteas ngemuva kokushaya into ecokeme kwiSpar National Netball Championsh­ip.

UJessica (26), odabuka eMgababa, ufakwe eqenjini lamaProtea­s elizoba nekhempu ngemuva kwemidlalo yochungech­unge ne-Australia neNew Zealand.

Le ntokazi ephinde ibe nguthisha eDurlady of Sapinar, eDurban North, ibimele iqembu laKwaZulu-Natal, iSenior A Team kwiNationa­l Netball Championsh­ip ebiseHoy Park, eThekwini, ngesonto eledlule.

Iqembu lakhe ligcine liphume endaweni yesihlanu kanti iGauteng iyona ekhale yemuka nesicoco.

“Ngijabule ngokubizel­wa eqenjini lesizwe. Ngisebenze kanzima ukuze ngifinyele­le lapho engikhona njengamanj­e. Ngiwamele cishe wonke amaqembu esizwe emazingeni aphansi. Ngidlale eqenjini lesizwe lika-Under 21 nelika-Under 19. Ngikholwa wukuthi ukubizelwa eqenjini lesizwe kuzongivul­ela eminye iminyango.

“Lapha ngizodlala noBongiwe Msomi odlala phesheya kwezilwand­le. Nami uma ngenza kahle kwazi bani ukuthi ngingaphel­ela kuphi. Ngizimisel­e ngokufika kwelesizwe ngisebenze kanzima ukuze ngithole ithuba lokuzibona­kalisa,” kusho uJessica.

Ngaphandle kokudlala i-netball ezingeni eliphezulu nokwenza umsebenzi wobuthishe­la, uJessica ubuye abe nomndeni.

“Nginengane yomfana ogama layo nguMpilo. Njalo uma ephuma esikoleni kumele ngimyise lapho enza khona ezemidlalo. Mina ngivuka njalo ekuseni ngo-3.50 ekuseni ngiye kojima, ntambama ngihambise umntanami ayokwenza ezemidlalo kwazise emini ngisuke ngisemsebe­nzini. Isikhathi yinto engingenay­o. I-netball ikumina ngaphakath­i. Ngiqale ukuyidlala ngisemncan­e,” kusho uJessica.

Ufunde eWarner Beach Senior Primary School waphothula amabanga aphezulu eManzimtot­i High.

“Ngizimisel­e ukuqhubeka nokusebenz­a kanzima ukuze ngizuze ezinye izinto ngoba kuningi engisafuna ukukwenza kwi-netball. Ngiyazi ukuthi ngeke kube lula kodwa uma ngizinikel­a ngizokwazi ukuthola imiphumela emihle,” kusho uJessica.

Le ntokazi idlala i-goal defence eyaziwa ngeGD.

Selilonke iqembu limi kanje: Deancke Rohde (Gauteng), Maryka Holtzhause­n (Free State), Renske Stoltz (Gauteng), Charmaine Baard (Western Cape), Romé Dreyer (North West), Lauren-Lee Christians (Eastern Cape), Phumza Maweni (Western Cape), Fikile Mkhuzangwe (North West), Jessica Khomo (KwaZulu-Natal), ZanneMarie Pienaar (Gauteng)

Ama-Reserve: Talja Venter (Western Cape), Tshina Mdau (Gauteng) and Shadine van der Merwe (Gauteng)

 ??  ?? JESSICA KHOMO
JESSICA KHOMO
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa