Unengcindezi uKomphela
UMQEQESHI weKaizer Chiefs, uSteve “Mphathi” Komphela, unengcindezi yokudlalisa abadlali abasebancane osekunesikhathi ebancoma abagcine bekhushulelwe eqenjini elikhulu laMakhosi.
UKomphela useqale isizini yesithathu kwiChiefs nokungeyokugcina ngokwenkontileka ayisayine ngesikhathi eqashwa ngo-2015 esuka kwiMaritzburg United. Akakaze awine neyokubika indebe.
Ngempelasonto edlule iChiefs ikhishwe yiSuperSport United kwiMTN8, eThekwini. Lokhu bekusho ukuphunyukwa yindebe yokuqala yesizini ka-2017/2018 kuKomphela okhale ngeshobolo.
Iningi labalandeli beChiefs lihlala ligxeka uKomphela ngokudlalisa “amakhehla” ekubeni bekhona abadlali abasebancane okunenkolelo yokuthi bangalenzela okungcono iqembu.
Ngasekuqaleni kwesonto iChiefs imemezele ukuthi abadlali abasebancane abane, uKomphela, osekunesikhathi ebancoma, banyuselwe eqenjini elikhulu. Abanye kade bedlala kwiMultichoice Diski Challenge ngesizini edlule. Laba ngunozinti uBruce Bvuma (22), Khotso Malope (23), Wiseman Meyiwa (17) noNkosingiphile Ngcobo (17).
UMalope bekulindeleke ukuthi abolekiswe kwiRichards Bay FC edlala kwiNational First Division (NFD) kodwa kuvele ukuthi uKomphela ujike umqondo ngemuva kokumbona eshaya into ecokeme emidlalweni yokuzicijela isizini okukhona kuwona oweCarling Black Labe Cup bebhekene ne-Orlando Pirates angene kuwona esiwombeni sesibili. UMalope usize iThanda Royal Zulu yawina iligi yeNFD ngesizini edlule.
Emuva komdlalo weMTN 8 uKomphela wathi: “UMalope ungene wenza omkhulu umehluko. Okungichazile ngaye ukuthi emuva kokuhlulwa yigoli akadikibalanga kodwa uqhubekile wakhombisa