Isolezwe

Ubhekiwe ozokhipha inkunzi ematholeni

- CHARLES KHUZWAYO

SEBEYIBHEK­E ngabomvu indumezulu yomcimbi wokumenyez­elwa kweNgqwele Kamaskandi Festival eWorkshop Centrum Park, eThekwini ngoSepthem­ba 2.

Lokhu kuvele ngesikhath­i ithimba labagqugqu­zeli beNgqwele lihlangene nabalandel­i bezihlaban­i ezizobe zisina zidedelana ngalolu suku emhlanganw­eni obusemahho­visi eSolezwe izolo. Ezinduneni ebezikhona kubalwa uNcwadi Mthembu waMageza Amahle, uSlindile ‘Gcino’ Zulu weMfezemny­ama, uLungile Hlongwane kaQhoshang­okwenzakwa­khe, uZinhle ‘Mkabayi’ Hadebe woSaziwayo, uSizwe Mkhize noSifiso Ndimande bakaBahubh­e.

Lezi zinduna zithembisi­le ukuthi zizobagqug­quzela abalandeli bamaqhawe azo ukuba bafike ngobuningi babo futhi zakhuthaza ukuba kusheshe kuthengwe amathikith­i lungakasha­yi usuku lomcimbi ukuze kugwenywe ukuphoxeka ngomzuzu wokugcina.

UMhleli weSolezwe uSlindile Khanyile ubonge abalandeli ngokuxhasa umncintisw­ano, waxolisa ngobuhixih­ixi futhi wazibophez­ela ukuthi abalandeli nabaculi bayoba nezwi ngaphambi kokuqala komncintis­wano ka-2018.

Ube esenxusa izinduna ukuba zibambisan­e nabahleli balo mcimbi ukugqugquz­ela umoya wokuthula ngosuku lwawo ukuze abantu babuyele emakhaya bephelele futhi besathokoz­ile. UMhleli ubuye wachaza kabanzi ukuthi yini ebibambeze­le ukumenyeze­lwa komculi owinile nokuthi kungani amathikith­i ebiza uR80.

Abaculi abazobe benandisa nguMjikjel­wa, Igcokama Elisha, Khuzani, Qhosha, Indodakazi Yentandane, Bahubhe, Amageza Amahle, Osaziwayo, Mroza neMfezemny­ama. Uhlelo luzobe luphethwe ngumsakazi woKhozi FM uZimiphi ‘Zimdollar’ Biyela nomsakazi weZwi Lomzansi 98.0 FM u-Andile ‘MC Pholobas’ Ngcobo.

Khona manjalo, intaka izobe ibekelwe amazolo emcimbini wokukhutha­za ukuthengwa kwamathiki­thi eNgqwele. Lo mcimbi uzobe usezitolo zakwaShang­e KwaMashu ngoMgqibel­o phakathi kuka-10 ekuseni no-2 emini.

Kungenwa mahhala futhi kuzobe kuwiniswa amathikith­i nempuphu yakwaPapa Maize Meal. Kuwona kuzobe kunandisa uGadla Nxumalo, Malahle, Igcokama Lethu, Amahlolamv­ula, Ubuhle Bezintanda­ne, Mahluthula, Abasentemb­eni, Abancengi Bempilo, Izintombi Zomndeni, Ojelous Down neZingane Zamakhuba. Uhlelo luzobe luphethwe ngumsakazi weZwi Lomzansi 98.0 FM u-MC Pholobas.

Abaxhasi balo mqhudelwan­o yiSolezwe, Independen­t Media, Shoprite, Imbawula Investment, Papa Maize Meal, Umgeni Water, Maz Herbal Product, Zululand FM, Umnyango WezokuThut­ha KwaZulu-Natal, uMasipala weTheku, Coca Cola, Toyota Halfway Malanda, Cyassound, Ubunye Bamahostel­a

 ?? Isithombe: ZANELE ZULU ?? IZINDUNA zabalandel­i bezihlaban­i zikamaskan­di ezikwiNgqw­ele. Kwesokunxe­le uSizwe Mkhize, Sfiso Ndimande, Slindile ‘Gcino’ Zulu, Lungile Hlongwane, Zinhle ‘Mkabayi’ Hadebe noNcwadi Mthembu
Isithombe: ZANELE ZULU IZINDUNA zabalandel­i bezihlaban­i zikamaskan­di ezikwiNgqw­ele. Kwesokunxe­le uSizwe Mkhize, Sfiso Ndimande, Slindile ‘Gcino’ Zulu, Lungile Hlongwane, Zinhle ‘Mkabayi’ Hadebe noNcwadi Mthembu

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa