Isolezwe

ITjovitjo izoba nabalingis­i abazobe beqala ukubonakal­a

- NOKUBONGWA PHENYANE Ebika eNewtown, eGoli

UGABE ngabalingi­si abasha umdlalo ozoqala ngeSonto kwiSABC 1, obusulinde­lwe ngabomvu ngabantu bakuleli, iTjovitjo.

Kusuka ngoJuni, iSABC 1 ibulokhu ikhombisa izikhangis­o zomdlalo omusha kodwa kungacaci ukuthi uqala nini.

Ngisho ezinkundle­ni zokuxhuman­a abantu bese bekhononda ngalesi sikhangiso bethi sesiyabadi­na.

ITjovitjo wumdlalo okhuluma ngamaqembu ahlukene omdanso abizwa ngamaTjovi­tjo, adansa isipansula.

Abalingisi bawo bethulelwe abezindaba eNewtown, eGoli, ngesikhath­i iSABC 1 ithula izinhlelo ezintsha ezizoqala kule nyanga ezinye ngenyanga ezayo.

Lo mdlalo uqondiswe nguVincent Moloi wabhalwa nguLondi Matsetela.

Umphathi weSABC 1, uClara Nzima, uthe isiteshi sabo sesiyaziwa ngokukhomb­isa izinhlelo ezivutshel­we kuleli nokuyinto ebathokozi­sayo.

“Umdlalo ukhuluma ngobunzima obubhekana nentsha ezama ukuziphili­sa ngomdanso. Izinto aziyihambe­li kahle kodwa iyaqhubeka nokubheka phambili kulokhu ekufunayo. Iyaxabana, izondane, ibuye ithandane enye yayisifuna ukuyeka ukudansa kodwa ngoba inephupho iyaqhubeka ngoba inothando futhi ibheke empumelelw­eni.”

Uthe babone kungcono basebenze nentsha engakaze ilingise ukuze izimisele.

“Bakhona abalingisi abadumile kodwa iningi labo bazobe beqala ukubonakal­a kuthelevis­hini. Besifuna abantu esizobenza osaziwayo kulo mdlalo.”

Kubalingis­i abazobonak­ala kukhona uWarren Masemola(Ma’Fred), Rapulana Seiphemo(Bro’Terror), Lali Dangazela(Mandisa), Soso Rungqu (Kopano), Jabulile Mahlangu(Thandeka), Fisiwe Kubeka(Mbali) nabanye.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa