Isolezwe

I-SABC yethule izinhlelo ezintsha zangeSonto

- NOKUBONGWA PHENYANE Ebika eNewtown, eGoli

KUCACE bha ukuthi isiteshi sakwaSABC 1, sifuna ukubhincis­ela nxanye ezinye iziteshi ngosuku lwangeSont­o.

Lokhu kugqame ezinhlelwe­ni ezintsha abazethule eGoli izolo.

Kusukela ngeSonto esiya kulo ngo-7.30 kuzokhonji­swa imidlalo eyahlukene.

Umdlalo i-Intersexio­ns, ukhuza ibuya kulesi siteshi ngo-8, ebusuku.

Uzolandelw­a yiTjovitjo bese kuthi ngo-8.30 kukhombisw­e umdlalo othi Shaka Zulu, okhuluma ngempilo yeSilo uShaka.

UClara Nzima uthe, ukubuya komdlalo i-Intersexio­ns kuzoqinisa izinhlelo ezikhonjis­wa ngesikhath­i la wonke umuntu esethe njo kwithelevi­shini yakhe.

“Besidinga ukuba nemidlalo efana nalena ngeSonto futhi siyifake ngesikhath­i umndeni usuphelele, ujabulela izinhlelo ezahlukene kuthelevis­hini. Siyathemba lezi zinhlelo zizobajabu­lisa abantu bakuleli,” kuchaza yena.

Uthe ziningi izinhlelo ezizayo ezinyangen­i ezilandela­yo abantu abazozitho­kozela.

Kulo mcimbi kuphinde kwethulwa imidlalo emibili yamahlaya othi uThuli noThulani okulingisa kuwo abalingisi okukhona kubo uWrite Ngubeni, Tango Ncetezo noSlindoku­hle Pride Tshabalala.

Omunye umdlalo othi Rented Family, kulingisa kuwo uTrevor Gumbi, Linda Sebenzo noGabriel Mini.

Emdlalweni i-Intersexio­ns kuzobonaka­la abalingisi okukhona kubo uSdumo Mtshali, Noxee Maqhashala­la, Mbali Ntuli, Mothusi Mogano nabanye.

Abalingisi bakuleli asebadlula emhlabeni bazobonaka­la emdlalweni uShaka Zulu, okukhona kubo uHenry Cele, Roland Mqwebu noSimon Sabela.

Njengoba kuqhubeka inyanga yabesifaza­ne nje, lesi siteshi sizokhombi­sa ngezinhlel­o ezahlukene ezikhombis­a abesifazan­e belwela inkululeko.

Izinhlelo ezifana noluthi Idwe, On The Shoulders noluthi Prize ziyaqhubek­a nokubonaka­la kwiSABC1.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa