Sibhekwe ngabomvu isinqumo
SIBHEKWE ngabomvu isinqumo seNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu ecaleni lombango wobuholi be-ANC KwaZulu-Natal.
Izolo isigungu samajaji esilalele icala elingundabuzekwayo lisigodlile isinqumo ngemuva kokuthi abameli bazo zombili izinhlangothi ezibangayo olukaSihlalo we-ANC KwaZuluNatal, uMnuz Sihle Zikalala, nelembangi yakhe uMnuz Senzo Mchunu zisongile ukwethula ubufakazi bazo.
Uhlangothi lukaMchunu luphume lugxoba itoyi toyi enkantolo lukhombisa injabulo ngoba lukholwa wukuthi ubufakazi buvuna lona. Lwamukelwe ngenhlokomo yizinkumbi zabalandeli bakaMchunu abebenkanise ngaphandle enkantolo belindele ukubikelwa ukuthi kuqhubekani ngaphakathi.
Ngakolunye uhlangothi, ezikaZikalala ziphume enkantolo zingaculi zizihambela ziyohlangana nabalandeli bazo nabo abebenkanise etendeni.
Usuku lwayizolo luqale ngokuthi ummeli wesigungu se-ANC esifundazweni u-Advocate Greg Harpur aphendule izethulo zabameli bohlangothi lukaMchunu.
UHarpur utshele inkantolo ukuthi walandelwa umthethosisekelo ngesikhathi kubanjwa ingqungquthela ngoba u-70% wamagatsha e-ANC ayekade ephasile ngesikhathi ecwaningwa.
Uthe ingqungquthela yahamba kahle ngoba ngisho umbiko owawuqukethe amagama abantu ababenemvume yokuvota wagunyazwa yingqungquthela.
Uthe izinsolo zokuthi ingqungquthela yaba khona ngaphandle komthethosisekelo azibambeki. Mayelana ne-tweet okuthiwa yaphuma ngaphambi kokuba kuphume imiphumela yengqungquthela eyayithi uMchunu uthole amavoti angu-675, uHarpur uthe yayingumbombayi futhi ayiveli kwiakhawunti yetwitter ye-ANC.
Uthe ngisho ilungu le-ANC elaba liyisithunywa engqungqutheleni, uMnuz Joe Phahla, lathi konke kuhambe kahle yize zikhona izikhalo ezibikiwe.
Uthe isizathu esenza icala labamangali libe buthaka wukuthi bafaka isimangalo ngemuva kokhetho hhayi ngesikhathi kusahlaliswa amagatsha.
Uthe ingqungquthela yokukhetha ifana nokhetho lukazwelonke akulula ukumangala ngemiphumela yokhetho.
“I-ANC yayenza umusa ngokuthi ilalele isimangalo sabamangali ngoba safika sekwedlule isikhathi.”
Mayelana nodaba lokuthi umqulu wamagama abantu abavota alukho enkantolo njengobufakazi, uHurpur uthe abameli babamangali akumele bakhombe ngeminwe amakhasimende abo ngoba nabo bebenalo ilungelo lokuwufuna lo mqulu.
UHarpur uthe akunabo ubulungiswa ukuthi uhlangothi lwabamangali lufike enkantolo lubuze umqulu wamagama abantu abavota.
Kuyishwa ukuthi inkantolo kuzomele ikhiphe isinqumo ngaphandle kobufakazi bomqulu wamagama abantu abavota.
Ephendula izethulo zikaHarpur, ummeli wabamangali, u-Advocate Tembeka Ngcukaitobi uthe bona bamile ekutheni ukuhlala kwengqungquthela kwakungekho emthethweni ngenxa yezinto eziningi eziphambene ezenzeka ngaphambi nangesikhathi sengqungquthela.
Uthe kunamagatsha amaningi afaka izimangalo mayelana nokuhlala kwamagatsha awo kodwa zangasukunyelwa. Uthe nangesikhathi ingqungquthela isihleli kwavela ukuthi kunabantu abavunyelwa ukuthi bavote kodwa kungafanele. UNgcukaitobi usole isigungu esiphezulu se-ANC, i-NEC wathi sifana nommese obuthuntu nganxanye ngoba saqalisa phansi ingqungquthela yaseThekwini kodwa sahluleka kweyesifundazwe.
Uthe kukhona ilungu lesigungu sesifundazwe elalinikezwa ilungelo lokuvota kabili.
Uthe umbiko kaPhahla ubatshela ukuthi ngesikhathi kuvotwa kwakukhona amalungu e-ANC abalelwa ku-100, ayekhala ngamagatsha awo ehhovisi le-ANC.
UNgcukaitobi uthe bayakuchitha ukuthi u-70% wamagatsha e-ANC ayegunyaziwe ukuthi abe yingxenye yengqungquthela ngoba u-ward 17 esifundeni iNkosi Bhambatha wahlanganyela engqungqutheleni kodwa ungaluphasanga ucwaningo.
Uthe ngenxa yezinto eziningi abathole ukuthi azizange zihambe kahle futhi abethule ubufakazi bazo baphakamisa ukuthi ingqungquthela iqalwe phansi.