Amathemba omndeni aselele kwikhomishini
USUBEKE ithemba lawo kwikhomishini ephenya ngamacala okubulawa kosopolitiki KwaZulu-Natal, iMoerane Commission, umndeni kaMnuz Mthunzi Gwala owayeyilungu le-NFP owadutshulwa ehostela i-17 eMlaza ngo2012.
Umfowabo kamufi, uMnuz Sizwe Gwala, efakaza kule khomishini izolo, uthe bayafisa ukuthi icala labo libuyekezwe ngoba abamangalelwa ababili labathetha icala lokubulala ngendlela engaqondakali.
Ohola ubufakazi kule khomishini, u-Advocate Bheki Manyathi, utshele uGwala ukuthi umuntu othethwe yicala akaphinde ashushiselwe icala elifanayo.
Uthe kodwa bangaludlulisela udaba lwabo ophikweni lwezokushushiswa kuleli ukuze ilibuyekeze leli cala.
UGwala uthe bangajabula uma lingase libuyekezwe ngoba basala benemibuzo engaphendulekile.
Elandisa ikhomishini, uthe uMthunzi wayeneminyaka engu29 ngesikhathi ebulawa.
Uthe ngaphambi kokubunjwa kweNFP wayeyilungu le-IFP ehlala kuleli hostela.
Uqhube wathi ngesikhathi kusungulwa i-NFP wabe eseba yilungu layo ngokugcwele.
“Ngelanga abulawa ngalo, saya kwenye indawo yokucima ukoma kuleli hostela safike sehlisa ukoma. Sathi uma sifika sibathathu kubalwa naye safica amanye amalungu e-IFP athi awaphuzi wona nabantu be-NFP. Sasukuma lapho sahamba, ngaya endlini uMthunzi wahamba nomunye umngani wakhe. Ngezwa kungqongqozwa ebusuku ngabo-10 sekuthiwa usebulewe. Wadutshulwa amahlandla amathathu ekhanda, washonela khona lapho,” kusho uGwala.
Uthe ngesikhathi kuqulwa icala nguyena yedwa owabizwa ezofakaza.
“Asazi kungani abanye ofakazi bengabizwanga. Ukhona owesifazane owenza isitatimende ngemuva kokuzwa laba babili bakha itulo lokubulala umfowethu kodwa akabizwanga ezothula ubufakazi,” kusho uGwala.
Uthe ukholelwa ukuthi ukubulawa kwakhe kwakuhlobene nezombusazwe.
“Isimo sasinzima kunokubhekana ngeziqu zamehlo ngesikhathi kwakhiwa igatsha le-NFP kuleli hostela. Ingakho ngikholwa ukuthi ukubulawa kwakhe kuhlobene nezepolitiki ngoba ngesikhathi lawa malungu e-IFP ethi awaphuzi nathi umfowethu wawatshela ukuthi yena uyilungu lokuqina le-NFP futhi waze wawakhombisa isikibha ayesigqokile sale nhlangano,” kuqhuba
uGwala. Uthe abamangalelwa basekhona ehostela wathi uke ababone. Khonamanjalo uSolwazi Richard Pithouse, ofundisa enyuvesi iRhodes aphinde abe yisishoshovu samalungelo abantu, uthe inkohlakalo idla lubi emakhanseleni nakomasipala. Uthe ukungavuleleki kohlelo lwamathenda yikhona okwenza kube nombango. “Alukho nohlu lwezindlu zomxhaso ezizokhishelwa abantu komasipala ngoba ikhansela nesigungu salo salelo qembu eliphethe kuleyo ward elinqumayo ukuthi ubani ozothola indlu. Ngokujwayelekile abathola izindlu kusuke kungabantu abahambisana nalelo qembu,” kusho uPithouse.