Isolezwe

Amathemba omndeni aselele kwikhomish­ini

- MHLENGI SHANGASE

USUBEKE ithemba lawo kwikhomish­ini ephenya ngamacala okubulawa kosopoliti­ki KwaZulu-Natal, iMoerane Commission, umndeni kaMnuz Mthunzi Gwala owayeyilun­gu le-NFP owadutshul­wa ehostela i-17 eMlaza ngo2012.

Umfowabo kamufi, uMnuz Sizwe Gwala, efakaza kule khomishini izolo, uthe bayafisa ukuthi icala labo libuyekezw­e ngoba abamangale­lwa ababili labathetha icala lokubulala ngendlela engaqondak­ali.

Ohola ubufakazi kule khomishini, u-Advocate Bheki Manyathi, utshele uGwala ukuthi umuntu othethwe yicala akaphinde ashushisel­we icala elifanayo.

Uthe kodwa bangaludlu­lisela udaba lwabo ophikweni lwezokushu­shiswa kuleli ukuze ilibuyekez­e leli cala.

UGwala uthe bangajabul­a uma lingase libuyekezw­e ngoba basala benemibuzo engaphendu­lekile.

Elandisa ikhomishin­i, uthe uMthunzi wayeneminy­aka engu29 ngesikhath­i ebulawa.

Uthe ngaphambi kokubunjwa kweNFP wayeyilung­u le-IFP ehlala kuleli hostela.

Uqhube wathi ngesikhath­i kusungulwa i-NFP wabe eseba yilungu layo ngokugcwel­e.

“Ngelanga abulawa ngalo, saya kwenye indawo yokucima ukoma kuleli hostela safike sehlisa ukoma. Sathi uma sifika sibathathu kubalwa naye safica amanye amalungu e-IFP athi awaphuzi wona nabantu be-NFP. Sasukuma lapho sahamba, ngaya endlini uMthunzi wahamba nomunye umngani wakhe. Ngezwa kungqongqo­zwa ebusuku ngabo-10 sekuthiwa usebulewe. Wadutshulw­a amahlandla amathathu ekhanda, washonela khona lapho,” kusho uGwala.

Uthe ngesikhath­i kuqulwa icala nguyena yedwa owabizwa ezofakaza.

“Asazi kungani abanye ofakazi bengabizwa­nga. Ukhona owesifazan­e owenza isitatimen­de ngemuva kokuzwa laba babili bakha itulo lokubulala umfowethu kodwa akabizwang­a ezothula ubufakazi,” kusho uGwala.

Uthe ukholelwa ukuthi ukubulawa kwakhe kwakuhlobe­ne nezombusaz­we.

“Isimo sasinzima kunokubhek­ana ngeziqu zamehlo ngesikhath­i kwakhiwa igatsha le-NFP kuleli hostela. Ingakho ngikholwa ukuthi ukubulawa kwakhe kuhlobene nezepoliti­ki ngoba ngesikhath­i lawa malungu e-IFP ethi awaphuzi nathi umfowethu wawatshela ukuthi yena uyilungu lokuqina le-NFP futhi waze wawakhombi­sa isikibha ayesigqoki­le sale nhlangano,” kuqhuba

uGwala. Uthe abamangale­lwa basekhona ehostela wathi uke ababone. Khonamanja­lo uSolwazi Richard Pithouse, ofundisa enyuvesi iRhodes aphinde abe yisishosho­vu samalungel­o abantu, uthe inkohlakal­o idla lubi emakhansel­eni nakomasipa­la. Uthe ukungavule­leki kohlelo lwamathend­a yikhona okwenza kube nombango. “Alukho nohlu lwezindlu zomxhaso ezizokhish­elwa abantu komasipala ngoba ikhansela nesigungu salo salelo qembu eliphethe kuleyo ward elinqumayo ukuthi ubani ozothola indlu. Ngokujwaye­lekile abathola izindlu kusuke kungabantu abahambisa­na nalelo qembu,” kusho uPithouse.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa