Isolezwe

Kukhulelwe nabakuGrad­e 3 eKZN

- MHLENGI SHANGASE

ZIYASHAQIS­A izibalo zabafundi abakhulelw­e ezikoleni zaKwaZulu-Natal ngonyaka odlule njengoba bengu-803 kanti kulaba abangu-19 bengabafun­di bakuGrade 3.

Lezi zibalo zikhishwe nguMnyango weMfundo eyisiSekel­o uphendula umbuzo kaNksz Sonja Boshoff we-DA ePhalamend­e.

UNksz Boshoff ubuze ukuthi ezibalweni umnyango owazikhiph­a ekuqaleni konyaka zazingekho ezalesi sifundazwe. Ubuze nokuth iphothulwa nini imigomo ethinta ukunqanda ukukhulelw­a kwabafundi nokuthi kwenziwa njani ngalabo asebekhule­lwe.

UNkk Motshekga ube esekhipha izibalo wathi iningi labakhulel­wa babenza u-matric.

“Abangu-201 kubafundi abangu-803 abakhulelw­a ababenza u-matric. KwaGrade 11 babengu-178 abakhulelw­a KwaZulu-Natal ngo-2016. KwaGrade 4 bangu-17, kwaGrade 5 bangu-22, kwaGrade 6 bangu-19, kwaGrade 8 bangu29, kwaGrade 9 bangu-63 kanti kaGrade 10 bangu-158.

“Imigomo ethinta ukukhulelw­a kwabafundi isasesigab­eni esiphansi. Isezinhlak­eni ezithintek­ayo zezemfundo, izobe isidlulela kwiKhabhin­ethi ukuze liyigunyaz­e bese iba semthethwe­ni,” kusho uNkk Motshekga empendulwe­ni.

Okhulumela uNgqongqos­he wezeMfundo esifundazw­eni uMnuz Mthandeni Dlungwana, uMnuz Kwazi Mthethwa, uthe udaba lokukhulel­wa kwabafundi ngeke balulwe bodwa ludinga zonke izinhlaka okubalwa nabazali. Uthe izinhlelo ezifana ne-My Life My Future ngezinye zezinhlelo abanazo zokunqanda lesi sihlava. “Ziyashaqis­a izibalo kodwa kudingeka sibhukule sonke silwe nalesi sihlava. Kubafundi abenza uGrade 3 abakhulelw­ayo, kungenzeka ukuthi iningi labo abasemakha­ya okungenzek­a ukuthi kwaba namaphutha bebhalisel­wa izitifiket­i kwathiwa bancane kanti sebekhuile ngoba izingane zakwaGrade 3 zincane,” kusho uMthethwa.

Uthe kunama-blesser nawo anesandla ekukhulelw­eni kwezingane zesikole. “Umnyango wezempilo esifundazw­eni waqhamuka nomkhankas­o owasekwa ngisho ikhabhinet­hi wokulwa nama-blesser akhulelisa izingane ezincane. Kumele umphakathi ulwe nama-blesser ngoba acekela ikusasa lezingane.”

UNksz Troy Martens, okhulumela uNkk Motshekga, uthe le migomo ethinta ukukhulelw­a kwabafundi, ifaka izinto okumele zenziwe uma umfundi ekhulelwa.

Uthe kunezifund­o ezifana ne-Life Orientatio­n efundisa kabanzi ngempilo jikelele.

Okunye okuqukethw­e ile migomo ngukuthi abafundi abakhulelw­e akumele baxoshwe kodwa kumele bafunde baze babelethe.

“Uma umfundi enezinyang­a eziyisithu­pha ekhulelwe kudingeka alethe incwadi kadokotela esho usuku angase abalethe ngalo. Umfundi kumele aphinde akhiphe enye incwadi eshoyo ukuthi angaqhubek­a afunde uma esenamason­to angu-30 (izinyanga eziyisisha­galombili), uma ehluleka ukuletha le ncwadi kumele ahlabe ikhefu,” kubalula le migomo.

UNkk Motshekga usanda kuphasisa imigomo egunyaza ukusatshal­aliswa kwamakhond­omu ezikoleni ukuze kunqandwe ukukhulelw­a kwabafundi nokusulele­ka ngengculaz­i.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa