Isolezwe

Izinyathel­o kothisha abasaqhube­ka nokucwasa abafundi ngokwebala

- MHLENGI SHANGASE

BAZOTHATHE­LWA izinyathel­o othisha nothishanh­loko abacwasa abafundi ngokwebala.

Lokhu kushiwo nguMnuz Kwazi Mthethwa, okhulumela uNgqongqos­he wezeMfundo esifundazw­eni uMnuz Mthandeni Dlungwana, izolo kulandela ukuphazami­seka kokufunda eGeorge Campbell Technical High, eThekwini abafundi bebhikisha bekhala ngokucwasw­a othisha abamhlophe.

Abafundi bakhala ngokuthi babizwa ngezinkawu namakhaful­a ngothisha abamhlophe kungenzeki lutho.

Ohlwini lwezikhalo bathi sebebhikis­he kane bekhala ngokucwasw­a.

UMthethwa uthe bayaziqhel­isa nezikole ezicwasa abafundi abamnyama.

“Sesiyaqaph­ela ukuthi kukhona abaqhubeka­yo nokuyishay­a indiva imizamo yokulwa nobandlulu­lo nokucwasa ngokobuhla­nga. Sizothathe­la noma ngubani othintekay­o izinyathel­o uma kutholakal­a ukuthi ucwase umfundi,” kusho uMthethwa.

Unxuse abafundi bakulesi sikole wathi mabehlise umoya ngoba udaba luyalungis­wa yihhovisi lesifunda.

Izolo ezinkundle­ni zokuxhuman­a bekusabale­le amavidiyo abafundi bakulesi sikole bephethe izingqwemb­e bekhala ngokucwasw­a.

Abafundi bavale isango lokungena ngamabhent­shi kwabizwa amaphoyisa omkhandlu nawe-SAPS.

Omunye umfundi uthe kade babekhala kodwa akwenzeki lutho.

“Sihlale sikhala ngokucwasw­a kodwa kungenzeki lutho. Kunothisha abasibiza ngamakhafu­la nangezinka­wu bathi bona bangamaBhu­nu asisoze salingana nabo,” kusho umfundi.

Uthe isiBhunu siyakhulun­ywa kodwa uma bezama ukukhuluma isiZulu bayanqatsh­elwa.

“Sifuna othisha abasibiza ngezinkawu baxoshwe. Asikwazi ukufundisw­a abantu abasibiza ngale ndlela esikhathin­i sentando yabantu,” kusho umfundi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa