Isolezwe

Kubhekwe uZuma ngekusasa likaManana

- SIYABONGA MKHWANAZI

IKHABHINET­HI ayikasitha­thi isinqumo sokuthi ngabe kumele iPhini likaNgqong­qoshe wezeMfundo uMnuz Mduduzi Manana, asule esikhundle­ni sakhe noma ahlale yini njengoba ebhekene necala lokushaya owesifazan­e endaweni yokucima ukoma, eseSandton ngesonto elidlule.

Ikhabhinet­hi alizange liyixoxe nendaba kankosikaz­i kaMengamel­i waseZimbab­we uMnuz Robert Mugabe, uNkk Grace Mugabe osolwa ngokushaya intokazi yakuleli ngempelaso­nto. Kuthiwa uNkk Mugabe usebenzisa umthetho ovikela omengameli bamazwe ukuthi bashushisw­e.

Izolo uNgqongqos­he wezokuXhum­ana uNksz Ayanda Dlodlo, uthe umhlangano wekhabhine­thi uzidingidi­le izindaba zokuhlukun­yezwa kwabesifaz­ane kodwa awuzange uluthinte olukaManan­a.

UNksz Dlodlo uthe uManana waqokwa nguMengame­li Jacob Zuma ngakho ikhabhinet­hi ngeke iluxoxe udaba lwakhe.

“Asizange sixoxe ngabantu okufanele baphume ezikhundle­ni noma okufanele baxoshwe, lokho kuzoxoxwa nguMengame­li. Izindaba enifuna sizithinte zisezitheb­eni zenkantolo,” kusho uNksz Dlodlo.

UManana udedelwe ngebheyili ka-R5 000 emuva kokuvela kafushane enkantolo yemantshi yaseRandbu­rg ngoLwesihl­anu oludlule.

Iningi longqongqo­she be-ANC lithe uManana kufanele axoshwe noma asule esikhundle­ni sakhe.

UNksz Dlodlo uthe nguManana ozozikheth­ela ukuthi uyasula noma uyaqhubeka nokuhlala esikhundle­ni sakhe.

Mayelana noNkk Mugabe uthe: “Asifuni ukudingida izindaba zamaphoyis­a noMnyango wezangaPha­ndle,” kusho uNksz Dlodlo.

Amaqembu aphikisayo athe kufanele aboshwe uNkk Mugabe njengoba ehambele iSouthern African Developmen­t Community Summit eqala namhlanje ePitoli nomyeni wakhe.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa