Isolezwe

Usesusiwe esikhundle­ni sakhe

- BONISWA MOHALE

USOTSWEBHU we-ANC ePhalamend­e, uMnuz Jackson Mthembu, usemsusile uDkt Makhosi Khoza esikhundle­ni sakhe sokuba nguSihlalo weKomiti labasebenz­i bakahulume­ni nezokuphat­ha.

UMthembu uthe ulandela umyalelo awunikwe yi-ANC kuzwelonke wokuthi makasuswe uDkt Khoza.

Ubalule ukuthi uDkt Khoza uxoshelwe ukungalale­li nokutshela abantu ukuthi uvotele ukungabeth­embi ubuholi bukaMengam­eli Jacob Zuma kuvotwa ngokuyimfi­hlo lwangoLwes­ibili oludlule.

Uthe izinkulumo zikaDkt Khoza ziholele ekutheni amanye amalungu e-ANC angalihamb­eli ikomiti lakhe ngenxa yokuthi amthatha njengehlon­gandlebe elingathem­bekile.

“Isinqumo sokumsusa esikhundle­ni sakhe silandela izikhawu eziningi lapho i-ANC izamile ukukhuluma naye imncenga ithi makaziphat­he kahle kodwa engalaleli. Sesimtshel­ile ukuthi siyamsusa esikhundle­ni ngokuphazi­ma kweso kodwa uzoqhubeka nokuba yilungu lePhalamen­de kuze kuphume isinqumo sokuqondis­wa kwakhe ubugwegwe,” kusho uMthembu. Uthe bazoqoka abantu abasha abazongena kuleli komiti ukuze umsebenzi walo uqhubeke nokubhekel­ela izidingo zabantu bakuleli. UMthembu uthe bazoqhubek­a nokuwaqond­isa ubugwegwe amalungu abo angawuhamb­elanga umhlangano wekomiti likaDkt Khoza. Ekhuluma ngaphambi kwenkundla yokucobele­lana ngolwazi ebiseWits izolo uDkt Khoza uthe uzamukele kahle izindaba zokumiswa kwakhe esho nokuthi useyilungu elithembek­ile emzabalazw­eni we-ANC. “Ngiyilungu elithembek­ile le-ANC ngilandela okumelwe yiyo. Angithembe­kile kwinkohlak­alo nakubantu abakuhulum­eni ngoba befuna ukuzenzela inzuzo. Ngizoqhube­ka nokulwela abantu bakuleli ngiqede inkohlakal­o. Ngangena kwi-ANC ngineminya­ka engu-12 angiqali ukubhekana nesimo esinjena,” kusho uDkt Khoza.

Etshelwa ukuthi abafundi baseWits bakholwa wukuthi uyisibonel­o esihle, uthe uyabathand­a futhi ufuna babe nesibindi sokulwa nenkohlaka­lo nabaholi abakhohliw­e ukuthi bamele abantu.

“Sikhathele yizinhlang­ano zomzabalaz­o ezizenzela umathanda e-Afrika. Sifuna intuthuko, asiyifuni inkohlakal­o,” kusho uDkt Khoza.

Uthe njengoba engaseyena uSihlalo wekomiti uzohlala emabhentsh­ini asemuva ePhalamend­e lapho aqala khona kwazise akayanga ePhalamend­e ngoba efuna ukuzuza okuthile kodwa waya khona ngoba efuna ukuletha umehluko empilweni yabakuleli.

Amaqembu aphikisayo akugxekile ukuxoshwa kukaDkt Khoza.

Umholi we-EFF uMnuz Julius Malema uthe leli gwala elinguGwed­e selikhiphe uDkt Khoza esikhundle­ni sakhe.

UMnuz John Steenhuise­n weDA uthe ukuxoshwa kukaDkt Khoza kukhombisa ngokusobal­a ukuthi i-ANC ayibafuni abaholi abasebenze­la umphakathi, incamela ukubaxosha kodwa igcine abangenand­aba nomphakath­i abale kubona uNksz Bathabile Dlamini, Nksz Faith Muthambi nabanye.

Umhlaziyi wezepoliti­ki ozimele uMnuz Thabani Khumalo uthe uyathuka ngokuxoshw­a kukaDkt Khoza njengoSihl­alo wekomiti ngoba ubengakuli­ndele lokhu.

“Besilindel­e ukuthi zikhona izinyathel­o azothathel­wa zona kodwa besithi kuzoqala ngokuthi kuphothulw­e uhlelo lokuqondis­a ubugwegwe ngaphambi kokuthi athathelwe izinyathel­o. Angiboni ukuthi isimo sihleleke ngendlela enobunono ngoba lokhu kwakha isithombe esibi sokuthi i-ANC ayikwazi ukubekezel­ela abanemibon­o engahambis­ani neyayo,” kusho uKhumalo.

Uthe balindele ukuthi uDkt Khoza axoshwe njengelung­u lePhalamen­de ngoba akamboni enqoba icala lokuqondis­wa ubugwegwe alibekwe yi-ANC KwaZulu-Natal futhi ubona sengathi uzoxoshwa njengoba kwenzeka kuMalema.

 ?? Isithombe: REUTERS/Siphiwe Sibeko ?? UDKT Makhosi Khoza uthe uzoqhubeka nokulwela abantu bakuleli ngeke athembeke kubaholi abaqhuba inkohlakal­o futhi abangenand­aba nezidingo zabantu
Isithombe: REUTERS/Siphiwe Sibeko UDKT Makhosi Khoza uthe uzoqhubeka nokulwela abantu bakuleli ngeke athembeke kubaholi abaqhuba inkohlakal­o futhi abangenand­aba nezidingo zabantu
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa