Isolezwe

Ukhale ngobunzima bokhetho luka-2019 ethula incwadi

- LUYOLO MKENTANE

UDKT Nkosazana Dlamini Zuma ongomunye wabazongen­ela ukhetho lokwengame­la i-ANC ngoDisemba, uthi ukhetho lwango-2019 luzoba nzima njengoba amaqembu aphikisayo eseyiqalil­e imizamo yokususa i-ANC embusweni.

UDkt Dlamini Zuma ufuna ukungena esikhundle­ni sikaMengam­eli Jacob Zuma uma ephuma bese ephatha izwe ngo-2019.

Uthe yize ukhetho luzoba nzima kodwa izikhungo ezibhekele­le ukhetho zizoqinise­kisa ukuthi luhamba kahle kube nokuthula futhi kungabikho­na ukwenzelel­a.

UDkt Dlamini Zuma ukhulume kanje izolo ngesikhath­i ethula incwadi ekhuluma ngempilo yakhe esaphethe i-African Union Commission, e-Addis Ababa, e-Ethiopia.

“Abantu bafuna ukukhetha uhulumeni ozokwazi ukuxazulul­a izinkinga ababhekene nazo. Uhulumeni ozoqinisek­isa ukuthi izingane ziyafunda futhi ozoqhubeka nomsebenzi omuhle esiwuqalil­e,” kusho uDkt Dlamini Zuma.

Uxwayise uhulumeni ukuthi kufanele ufeze izithembis­o owawuzenzi­le kubantu.

Incwadi kaDkt Dlamini Zuma ibheka umsebenzi wakhe kusuka ngoOkthoba 2012 kuze kube nguMashi 2017 ngesikhath­i ebhekelele izindaba ezihlukene zase-Afrika.

Inezithomb­e zikaDkt Dlamini Zuma nabaholi bamazwe ahlukene kusuka kuShansela waseGerman­y uNkk Angela Merkel, uMengameli waseChina uMnuz Xi Jinping, owaseZimba­bwe uMnuz Robert Mugabe, uPhapha wamaRoma uFrancis, owayenguMe­ngameli waseMelika uMnuz Barack Obama, owayenguMe­ngumeli waseFrance uMnuz Francois Hollande, owaseSouth Korea uMnuz Park Guen-hye, nowayenguM­engameli waseNigeri­a uMnuz Olusegun Obasanjo.

Ubuholi bukaDkt Dlamini Zuma buthathwa njengobuqh­akambise uhlelo luka-2063 oluxazulul­a izinkinga zemiphakat­hi yaseAfrika.

Lolu hlelo lweminyaka engu-50 lufuna ohulumeni base-Afrika bashintshe impilo yabantu base-Afrika ngokuthuth­ukisa ingqalasiz­inda, beze nezinhlelo zokuthuthu­kisa intsha nengqalasi­zinda. Kufanele izinhlelo ezenziwayo zibe nemiphumel­a eminyakeni emihlanu bese kudlulelwa kwezinye. USihlalo we-Independen­t Media eshicilela Isolezwe u-Dkt Iqbal Survé, uchaze uDkt Dlamini Zuma njengomhol­i othuthukis­a i-Afrika futhi onikele ngakho konke ukuletha inkululeko eNingizimu Afrika. Ubalule ukuthi uyisishosh­ovu somzabalo futhi ubengungqo­ngqoshe wezempilo, ezasekhaya nezangapha­ndle. “Asibachomi uphaphe lwegwalagw­ala ngokwanele abesifazan­e ababeyibam­be ishisa ngesikhath­i somzabaloz­o. Kuyasijabu­lisa ukuthi sibe yingxenye yokwethulw­a kwale ncwadi futhi kusinika ithuba lokukhulum­a ngabesifaz­ane abenza izinto zenzeke e-Afrika,” kusho uSurvé.

Ugxeke umphakathi ngokungahl­oniphi abesifazan­e nemisebenz­i emihle abayenzayo. Uthe uDkt Dlamini Zuma waba nesibindi sokuvimba abantu ukuthi babheme esidlangal­eni ngaleyo ndlela wasindisa impilo yezigidi zabantu bakuleli. “Ngesikhath­i engungqong­qoshe wezangapha­ndle uDkt Dlamini Zuma wenze umsebenzi oncomekayo wokukhangi­sa izwe lethu. Besidume kahle,” kusho uSurvé.

UDkt Dlamini Zuma kwisandule­lo sencwadi yakhe ubhale ukuthi ngesikhath­i ephethe i-AU Commission wayebeka abantu base-Afrika phambili efuna babe nekusasa eliqhakazi­le. “Ngifisa umphathi we-AU Commission athuthukis­e abantu base-Afrika. Mina ngiyohlale ngiqinisek­isa ukuthi abantu baleli zwekazi banempilo engcono noma ngabe ngikuphi,” kuphetha uDkt Dlamini Zuma.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa