Isolezwe

Isexwayiso sezanusi zezulu ngesimo sezulu

- BONISWA MOHALE

IZANUSI zezulu zixwayise abantu zathi mabahlale beqaphile njengoba likhithika ezindaweni ezakhele izintaba zoKhahlamb­a.

Bathe amakhaza ashubisa umnkantsha aqale ngoLwesith­athu ntambama azoqhubeka kuze kube kusasa.

UNksz Thandiwe Gumede oyisazi sezulu kwaSouth African Weather Service uthe umsinga obandayo uqale ngoLwesith­athu ebusuku kanti uletha imvula ehambisana nomoya onamandla.

Uthe likhithiki­le ezintabeni zoKhahlamb­a, eMatatiele naseMpendl­e.

“Sithi abantu abaqaphele ngoba imvula izodala izikhukhul­a ezindaweni ezehlukahl­ukene KwaZulu-Natal. Abashayeli mababheke ukuthi imigwaqo abayiseben­zisayo ayijwayele yini ukuba nezikhukhu­la ukuze basebenzis­e eminye,” kusho uNksz Gumede.

Uthe umoya uzohamba ngesivinin­i sika-65km ngehora kube namagagasi anolaka olwandle.

Amazinga okushisa e-Underberg azosuka ku-3 degrees kuya ku-9 degrees kuthi eThekwini asuke ku-11 degrees kuya ku-16 degrees.

Amathuba emvula azoba ngu60% kanti amagagasi olwandle azoqhubeka nokuba nolaka.

Khonamanja­lo uMasipala weTheku uwavalile amabhishi ngenxa yamagagasi anolaka. Ababhekele ezokuxhuma­na bathe bazowazisa umphakathi uma amabhishi esekulunge­le ukusetshen­ziswa ngumphakat­hi.

UNgqongqos­he wezokuBusa ngokuBambi­sana nezoMdabu uNkk Nomusa Dube-Ncube uthe amathimba abo ezinhlekel­ele ami ngomumo ukusiza abazokhahl­anyezwa yisimo sezulu esibi.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa