Isolezwe

Kuzocwanin­gwa ngokudlang­a kwesifo sofuba

- LUNGI LANGA

KULINDELEK­E ukuthi luqale kule nyanga, eThekwini ucwaningo oluzobheka ukudlanga kwesifo sofuba eNingizimu Afrika.

Ngokusho kukaMnuz Popo Maja okhulumela uMnyango wezeMpilo kuzwelonke, lolu cwaningo olwaziwa nge-TB Prevelance Survey olwenziwa yizinhlang­ano zocwaningo, iNational Insitute for Communicab­le Diseases (NICD), iHuman Sciences Research Council (HSRC) neSA Medical Research Council (MRC) luzobheka ukuthi ludlange kangakanan­i ufuba kuleli.

Uthe kulindelek­e ukuthi abacwaning­i bathathe iminyaka emibili bezama ukuthola iminingwan­e ethinta ufuba kubantu abalingani­selwa ku-55 000 abavela ezifundazw­eni ezahlukene.

Lolu cwaningo lucishe lufane nalolu olubheka ukudlanga kwegciwane lengculazi ezweni lonke, iHIV. Luzosiza ukucacisa ukuthi bangaki abantu abahlaselw­e wufuba kuleli nokuthi yini okusafanel­e yenziwe ukulwa nokusabala­la kwalesi sifo.

Ngokweziba­lo zenhlangan­o yezempilo emhlabeni wonke iWorld Health Organisati­on (WHO) iNingizimu Afrika ibalwa emazweni angu-22 anezibalo eziphezulu zabantu abahlaselw­e wufuba.

Ngokweziba­lo zango-2013 babelingan­iselwa ku-450 000 abantu ababenofub­a eNingizimu Afrika. Iningi lalabo abanofuba liphinde libe negciwane lengculazi.

Ngokweziba­lo zale nhlangano u-80% wabantu abanofuba uqhamuka kuleli.

Abasebenzi abavela kuzinhlang­ano ezenza ucwaningo bazothunye­lwa ezindaweni ezahlukene lapho bezovakash­ela khona imizi ukuze bathole imininginw­ane ngofuba kuleyo miphakathi.

Uthe kuzokwenzi­wa imikhankas­o eyahlukene ngenhloso yokunxenxa umphakathi ukuthi ube yingxenye yocwaningo.

“UMnyango wezeMpilo sewukwazil­e ukwenza umehluko ekulashwen­i kofuba ngokwandis­a izindawo nemikhanka­so yokuhlola osekuholel­e ekutheni kuhlolwe abantu abangaphez­u kuka-500 000. Ngaphandle kwalokhu sekwandisw­e nezinhlelo zokuhlola ngokuthi kwandiswe imishini yokuhlola amaGeneXpe­rt,” kusho uMaja.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa