Sikhala sikhalile isibhamu eKZN
SIKHALA sikhalile isibhamu KwaZulu-Natal ngenxa yokuxhaphaka kwezibhamu futhi ezitholakala kalula emphakathini. Lokhu kushiwo yisishoshovu sezokuvikelwa komphakathi esiphinde sicwaninge ngodlame KwaZulu-Natal, uNkk Mary De Haas, ebesikhuluma ngokwanda kwenkinga yokubulawa kwabantu kusetshenziswa izibhamu.
Uthe ukudutshulwa kwabantu kangaka kuwubufakazi bokutholakala kalula kwezibhamu.
“Ziningi izibhamu emphakathini eziphethwe yizigebengu. Ukubulawa kwabantu ngezibhamu sekubukeka kuyinto ejwayelekile. Lezi zibhamu ezingaka kumele amaphoyisa asitshele ukuthi zivelaphi nokuthi wobani abaqeqeshelwe ukusebenzisa izibhamu,” kusho uNkk De Haas.
Uthe emacaleni amaningi athinta izibhamu kugcina kungaboshwanga muntu, okusho ukuthi leso sibhamu sizophinde sibulale omunye umuntu.
Okuxaka kakhulu wukuthi laba abanezibhamu nokwaziwa ukuthi bangoshaya sibhamu ababoshwa nokuholela ukuba kwande ukubulawa kwabantu.
UNkk De Haas uthe kungumsebenzi wamaphoyisa ukuphuca abantu izibhamu ezingekho emthethweni.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Thulani Zwane, uthe imikhankaso yamaphoyisa yokukhucululwa kwezibhamu esifundazweni iyaqhubeka. Uthe sekunenqwaba yezibhamu esezitholwe ngamaphoyisa kwaboshwa nabantu abaningi. Emkhankasweni wakamuva obuqhutshwa ngamaphoyisa kwaMaphumulo, eSundumbili naseNgudwini ekuqaleni kwenyanga, kutholwe izibhamu eyisikhombisa kwaboshwa abantu abahlanu.
“Phakathi kwezibhamu ezitholwe ngamaphoyisa kubalwa kuzo ne- AK47, 303 riffle nezibhamu ezincane. Zonke izibhamu ezitholiwe zizoyohlolwa ukuze kubhekwe ukuthi akukho yini lapho esezike zasetshenziselwa khona ubugebengu,” kusho uZwane.
Okhulumela uMnyango wezokuPhepha KwaZulu-Natal, uMnuz Kwanele Ncalane, uthe uNgqongqoshe woMnyango, uMnuz Mxolisi Kaunda, ukhathazekile ngezibhamu ezisemphakathini. “Siyakuqonda ukuthi izibhamu yizona ezisetshenziswa kakhulu ukubulala abantu e-KZN. Lokhu kungenzeka ukuthi kudalwa wudlame obelukhona e-KZN – impi yabamatekisi nezimpi zezigodi. Lokhu kushiye inqwaba yezibhamu kubantu abangafanele. Siyalwa nalesi sihlava,” kusho uNcalane.
Uthe banenqwaba yemikhankaso yokuzama ukuqeda izibhamu. Kweminye imikhankaso bakhuluma namakhosi ukuwanxusa ukuthi abalekelele ekuqoqeni izibhamu, kokunye amaphoyisa agasela kungazelele muntu emizini yabantu abheke izibhamu.
Umnyango kazwelonke uke ukhiphe noshwele kwabenezibhamu ukuthi baziletha ngaphandle kokuvulelwa amacala.
Ushwele kwakulindele ukuthi umenyezelwe ngoJuni kodwa kwahlehliswa. UNcalane unxuse ukuba umphakathi ubasize. “Sisukumile siyaziqoqa izibhamu kubantu kodwa siyadinga nokusizwa wumphakathi. Siyanxusa ukuba ubike uma kukhona abantu obaziyo ukuthi banazo,” kusho uNcalane.