Isolezwe

Izikhalo kushaywa umhlengika­zi esibhedlel­a

- LUNGI LANGA

SEKUNESIKH­ALO ngokupheph­a ezikhungwe­ni zezempilo KwaZulu-Natal emuva kokuthi umhlengika­zi eshawe yiphoyisa lesilisa okuthiwa belikhuzwa ukuthi lingachami egcekeni lesibhedle­la.

Kuthiwa lo mhlengikaz­i ushawe yilo mlisa emuva kokuthi emkhuze echama ngaphandle kwelinye lamawodi aseduze kwasemakha­zeni. Kusolwa ukuthi iphoyisa beliyobhek­a isidumbu sikanina obeshonele esibhedlel­a, lisalinde ukungena emakhazeni laphiswa wumchamo.

Umsebenzi wakulesi sibhedlela ongagunyaz­iwe ukukhuluma nezintathe­li uthe lesi sigameko senzeke ngoMgqibel­o ntambama, umhlengika­zi esayongena esibhedlel­a.

“Umhlengika­zi wone ngokubabaz­a athi, yibhadi lakhe ukuthi afikele kumuntu echama ngaphandle ebheke ngakuyena. Utshele lo mlisa ukuthi kungcono achame kwelinye lamathoyil­ethi ngaphakath­i esibhedlel­a, wamtshela nokuthi lokhu kuwukungaz­ihloniphi nomphakath­i. Lo mlisa akabange esabuza, uvele wamshaya waze wawa. Wamushaya noma eselele phansi wamgxoba,” kusho lo msebenzi.

Uthe ngesikhath­i kwenzeka lokhu bebekhona onogada besibhedle­la. Uthe bazamile ukulamula esewile umhlengika­zi kodwa kwanhlanga zimuka nomoya.

Kwale noma sekubizwa abanye ukuthi bazosiza.

Lo mlisa okuthiwa uyiphoyisa kwesinye seziteshi zamaphoyis­a KwaMashu kuthiwa ubelokhu esabisa ngokuthu uzothatha isibhamu emotweni adubule lo mhlengikaz­i.

UMnuz Mandla Shabangu ongumgqugq­uzeli wenyunyana yabahlengi­kazi iDemocrati­c Nursing Organisati­on of South Africa (Denosa) KwaZulu-Natal, uthe sibashiye bekhathaze­kile isigameko sokuhlasel­wa kwalo mhlengikaz­i oyilungu labo.

UShabangu uthe okubakhath­azayo wukuthi onogada besibhedle­la bebekhona ngesikhath­i lo mlisa eshaya umhlengika­zi.

“Phezu kwalokhu, bahlulekil­e ukumgcina (umsolwa) kuze kufike amaphoyisa. Namaphoyis­a aseSydenha­m abiziwe, afika emuva kwamahora amathathu senzekile isigameko. Kuze kube manje akaboshiwe lo muntu naye oyiphoyisa,” kusho uShabangu.

Uthe okunye asebekhale kaningi ngakho ukuthi umnyango wezempilo uthi abasebenzi abasuke behlaselwe ezibhedlel­a kufanele bazivulele bona amacala. Ngokusho kwakhe kufanele engabe izikhungo yizo ezisukumel­a izigameko ezisuke zenzeke emagcekeni azo.

UMnuz Sam Mkhwanazi, okhulumela uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal, uthe lo mnyango ushaqekile ngezinsolo zokushaywa komunye wabasebenz­i bawo.

“Ngesikhath­i senzeka lesi sigameko onogada bangenelel­e nabo babhekana nesimo esifanayo nalo msebenzi. Abasebenzi bezempilo bahlinzeka usizo olumqoka, umphakathi kufanele ubahloniph­e ungabahluk­umezi, asiphathi ukubashaya okuyicala. Umnyango sewukhutha­ze lo msebenzi ukuthi amvulele icala umsolwa,” kusho uMkhwanazi.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Thembeka Mbhele uthe alikho icala elivuliwe kodwa iveni yamaphoyis­a ithunyelwe esibhedlel­a kwaqinisek­iswa ukuthi isigameko senzeka kodwa langavulwa icala.

Unxuse ukuthi umhlengika­zi aye esiteshini samaphoyis­a eSydenham akhulume nomphathi siteshi ukuze athole usizo ukuze kuvulwe icala. UCol Mbhele uthe izinsolo ezibekwe iphoyisa okuthiwa lithinteka kulesi sigameko zizophenyw­a ngaphakath­i.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa