Isolezwe

Baboshwe bephethe isibhamu sethoyizi

- INTATHELI YESOLEZWE

BABOSHWE bephethe isibhamu sethoyizi abasolwa abayisithu­pha okuthiwa bebehlalis­e lubhojozi umphakathi ngokuduna izimoto, eThekwini nezinye izindawo.

Amaphoyisa angaphansi kwe-Cluster yaseThekwi­ni abenomkhan­kanso wokulwa nobugebeng­u agcina ebophe abasolwa abayisithu­pha ngoLwesith­athu. Baboshwe eFolweni, eMlaza nakwezinye izindawo. Abasolwa bamatanisw­e nezigameko zokuduna izimoto ezintathu ezenzeke eMlaza, eFolweni naseBhekit­hemba. Bazovela enkantolo maduze abasolwa, ngamacala okuduna izimoto, awokuthumb­a abantu nelokuphat­ha izibhamu nezinhlamv­u okungekho emthethwen­i.

Kwizigamek­o ezimbili zokudunwa kwezimoto, abashayeli bathunjwa, baze behliswa eMlaza kwa-Z.

Amaphoyisa aqale lo mkhankaso ngoba ebona kwanda izigameko zokudunwa kwezimoto ezindaweni ezakhele iTheku.

Ezinye izimoto ezadunwa zitholakel­e ngenxa yalo mkhankaso wamaphoyis­a.

Amaphoyisa akholelwa wukuthi abasolwa kungenzeka ukuthi bake kwezinye izigameko zokuduna izimoto kwezinye izindawo.

Abasolwa ngesikhath­i beboshwa batholwe nesibhamu i-9mm nesibhamu esiyithoyi­zi okusolwa ukuthi bezisetshe­nziswa kulezi zigameko zokuduna izimoto. Kubasolwa kuphinde kwatholwa nezinye izinto ezalahleka ezimotweni ezadunwa okubalwa amawashi esandla, okhiye bezimoto, amafoni, utshwala nezinye izinto.

Ibamba lomkhuzi wamaphoyis­a KwaZulu-Natal uMajor General Bheki Langa lincome amaphoyisa ngokubopha abasolwa nokuthola izimoto ezilahleki­le.

“Usemningi umsebenzi okumele siwenze njengoba sesibophe laba basolwa, kumele sithole nabanye ukuze siqede lesi sihlava sokudunwa kwezimoto,” kusho uLanga.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa