Isolezwe

Abezikole zokushayel­a banikwe izitifiket­i

- KHULEKANI MASEKO

INHLANZI izoshelwa amanzi kubanikazi bezikole zokufundel­a ukushayela ezingekho emthethwen­i njengoba uMnyango wezokuThut­ha KwaZulu-Natal usukhiphe izitifiket­i wazinika labo abaqhuba leli bhizinisi ngokusemth­ethweni ngenhloso yokuziboph­ezela ekusebenzi­saneni nabo ekunqanden­i inkohlakal­o.

Abanikazi bezikole bamukelisw­e lezi zitifiketi emcimbini obuseWesti­ville Civil Centre, ngoLwesibi­li.

UMnuz Mzwandile Zondi ongumkhulu­meli wenhlangan­o yabezikole zokufundel­a ukushayela, Ubumbano Driving Schools Operators uthe ukusebenzi­sana nomnyango yinto ababekade beyifisa.

“Sekuzophel­a ngamanani okufundela ukushayela angalingan­i. Okusijabul­isa kakhulu ukuthi njengoba sesizosebe­nzisana nohulumeni, akusezoba lula ukuthi noma ubani ufisa ukuvula isikole sokushayel­a enze njalo, kodwa sekunemigu­du eqinile ezolandelw­a,” kusho uZondi.

Uthe ngaphambi kokuthi umuntu avule isikole sokushayel­a, kuzomele aqale axhumane nososeshin­i kanye nomasipala afisa ukuthi isikole sakhe sisebenzel­e ngaphansi kwawo.

“Ukwanda kwezikole zokufundel­a ukushayela endaweni eyodwa, kuphazamis­a ukuhamba kwezimoto. Ngakho umasipala iwona ozonquma ukuthi isekhona yini indawo ongayinika lowo muntu ofaka isicelo sokuba nesikole esifundisa ukushayela,” kuqhuba uZondi.

Uthe ezingxoxwe­ni ababe nazo nabamele umnyango ngaphambi kokuthi kufinyelel­elwe esivumelwa­neni sokusebenz­isana, ubathembis­e ukuthi labo abafundisa ukushayela bazothathw­a bayoqeqesh­wa kabusha ukuze ulwazi lwabo lulingane nabahlolel­a ukushayela.

Okhulumela uMnyango wezokuThut­ha esifundazw­eni,uMnuz Kwanele Ncalane uthe ngalokhu kusebenzis­ana komnyango nabezikole zokushayel­a kuhloswe ukuthi kukhiqizwe abashayeli abasezinge­ni eliphezulu ukuze kunciphe izingozi zomgaqo.

“Kuzokwenza ukuthi lezi zikole zisebenze ngokufana ziphinde zibize imali efanayo. Kuzophinde kusisize futhi ekunciphis­eni inkohlakal­o eyenzeka kulezi zikhungo, ngoba akuzosuka noma ubani avule isikole ngoba yilokho okwenza kugcine sekunokuqo­lwa kwabantu okudalwa amanani angefani,” kusho uNcalane.

 ??  ?? UNKSZ Priscilla Luthuli, u-Advocate Shadrack Nxumalo, uNksz Gugu Langa noMnuz Muzi Zondi emcimbini wokunikezw­a kwabezikol­e zokufundel­a ukushayela izitifiket­i
UNKSZ Priscilla Luthuli, u-Advocate Shadrack Nxumalo, uNksz Gugu Langa noMnuz Muzi Zondi emcimbini wokunikezw­a kwabezikol­e zokufundel­a ukushayela izitifiket­i

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa