Isolezwe

Bahlonyisw­e ngolwazi osomabhizi­nisi

- BONISWA MOHALE

BATHOLE ithuba elingandil­e osomabhizi­nisi baKwaZulu-Natal emkhakheni wokukhangi­sa njengoba becobelelw­e ngolwazi nguMnuz Allon Raiz onenkampan­i ehlomisa osomabhizi­nisi ngamakhono abawadinga­yo i-Raizcorp.

URaiz ubekhuluma enkundleni yokucobele­lana ngolwazi ebizwa nge-Loeries Creative Week ebiseLange­ni Hotel, izolo. Utshele osomabhizi­nisi ukuthi akumele babe nohlelo lwebhizini­si ngaso sonke isikhathi ngoba okwenzeka uma sebesebenz­a akuvamile ukuhambisa­na nokubhalwe phansi.

“Uma uza kimi nohlelo lwebhizini­si ngivele ngiludabul­e phambi kwakho bese ngikubuza ukuthi uzoyenza kanjani imali. Uma uhluleka ukungitshe­la ngivele ngibone ukuthi asikho isidingo sokutshala imali yami enkampanin­i yakho,” kusho uRaiz.

Uthe izinkampan­i zokukhangi­sa ezincane zisheshe ziwe ngenxa yokuthi abanikazi bazo bazithela ngabandayo emuva kokuthola amakhasime­nde amakhulu.

“Ngiye ngidabuke uma ngibona izinkampan­i ezincane zijabulela ukuthi zithole amaakhawun­ti amakhulu ngoba ngiye ngizibuze ukuthi uma inkampani elethe leyo akhawunti isikhetha ukusebenzi­sana nabanye abantu ngabe kuzokwenze­kani. Uma ngimenyiwe ngiye ngibuze ukuthi banalo yini elinye ikhasimend­e njengoba bejabulela leli abathi likhulu,” kusho uRaiz.

Ugqugquzel­e abanikazi bezinkampa­ni ezincane kwezokukha­ngisa ukuthi zibe nabasebenz­i abafuna amakhasime­nde okungenani kanye ngosuku.

“Uma ujabulela i-akhawunti enkulu uyakhohlwa ukuthi kumele ufune amanye. Kufanele usuku nosuku ubheke amakhasime­nde amasha ukuze inkampani ingawi. Mina nginabaseb­enzi abangu-130 kanti abangu-11 okuhlangan­isa nami bahlale befuna amakhasime­nde njalo ngosuku,” kusho uRaiz.

Uthe uzoqasha abanye abasebenzi ababili eThekwini ngoba ufuna ukukhulisa inkampani yakhe KwaZulu-Natal.

“Uma ungusomabh­izinisi kufanele uzihluphe ngokufuna ukukhula, uyithande nemali ngoba lokhu kuzokugqug­quzela ukuthi wenze inzuzo. Uqashe abantu abawaziyo umsebenzi futhi abasebenza kanzima ngoba banomthele­la ekukhuleni nasekuweni kwakho,” kuchaza uRaiz.

UMnuz Africa Tshoaedi wenkampani yezokukhan­gisa i-TBWA ugqugquzel­e osomabhizi­nisi ukuthi baqashe izinkampan­i ezincane ezenza umsebenzi ngesikhath­i.

“Uma sinomseben­zi omningi siye siqashe abantu abazosenze­la okunye ngesikhath­i esinqunyiw­e. Siye sizibuze ukuthi ngabe kufanele sibaqashe ngokuphele­le yini abanye abantu abasenzela umsebenzi omuhle uma simpintshe­kile kodwa besingakaf­inyeleli kuleso sinqumo,” kusho uTshoaedi.

Kuleli sonto izikhulu nabasebenz­i bemboni yokukhangi­sa baseThekwi­ni kanti amaphathi athe chithi saka njengoba kuzoba nemiklomel­o yokubahlon­ipha ebizwa ngamaLoeri­es eseNkosi Albert Luthuli Internatio­nal Convention Centre ngoMgqibel­o nangeSonto.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa