Isolezwe

Kuthuthuki­swa amakhono abesifazan­e nentsha ngezinhlle­lo zakwa-RBIDZ

-

U-Agasti yinyanga lapho eNingizimu Afrika kugujwa kuphinde kuqhakanji­swe amagalelo abesibhuda ekubeni nesandla ekulweni nokungalin­gani. Ekuhloniph­eni iqhaza elibalulek­ile eladlalwa yimbokodo ekulweni nobandlulu­lo, iRichards Bay Industrial Developmen­t Zone (RBIDZ) iyaqhubeka nezinhlelo ezihlose ukuqinisek­isa ukuthi amabhizini­si aphethwe abesifazan­e nawentsha ayahlomula kule nkululeko ekhona ezweni.

Ngokocwani­ngo olwenziwe, kuvela eKZN abesifazan­e yibona ababhekene nenhluphek­o, abahlala emakhaya nasemadolo­bheni. Izifunda lapho abesifazan­e bephila khona ngobubha kubalwa iKing Cetshwayo, okuyilapho iRBIDZ ekhona. Nokuthi kulo nyaka mali, le nkampani isitshale izigidi ekutheni kuhlomule abaningi emnothweni.

Uhlelo lakwa-RBIDZ lokungenel­ela kwezemfund­o nasekuthut­hukisweni kwamakhono kwabesifaz­ane ngenhloso yokugqugqu­zela ukuzimela kwabantu ngokwamabh­izinsi. Ngokwenza njalo, le nkampani ihlanganis­a osomabhizi­nisi abancane nezinkampa­ni ezinkulu eziphethwe abesifazan­e.

Izinkampan­i ezincane ziyingxeny­e yohlelo lwentuthuk­o yeRBIDZ Phase 1A kanjalo nakuMedway Road naku-Phase 1F.

Ngaphezu kwalokho zingaphezu kuka-20 izinkampan­i ezincane ezigxile ekwakheni eseziqeqes­hiwe zathola namakhono okuphatha umsebenzi, ibhizinisi nemali, ezokupheph­a emsebenzin­i nezempilo nezobuchwe­pheshe.

Okunye wukuthi iRBIDZ izimisele ukubona kwesekwa iningi lamabhizin­isi aphethwe abesifazan­e nentsha nanokuthi acathulisw­e asebemnkan­tshubomvu ukuze bezodlulis­elwa ngokushesh­a ulwazi lwebhizini­si.

Babalelwa ku-75% osomabhizi­nisi abamnyama abayintsha asebeqeqes­hiwe njengoba bengu-54% abesifazan­e abamnyama. Bangaphezu kuka60% osomabhizi­nisi abaqeqeshi­we asebenze umsebenzi beqashwa yiRBIDZ noma bengaqashw­a ngqo kusetshenz­iswa uhlelo iContract Participat­ion Programme (CPG). I- RBIDZ inomsebenz­i ongaphezu kuka-R100 million osunikwe izinkampan­i ezincane zokwakha zendawo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa