IZINKONDLO
Ngingowesifazane Ngifanelwe Nginobukhosikazi empilweni yami, Isiqu esingabhekwa kwazise sixhopha njengelanga, Isiqu esihlobe ngobuhle bendalo, Eqhakambisa ukubaluleka kwenzalabantu emhlabeni.
Nxa ngimamatheka, amehlo ami agcwala izinyembezi, Kuvele ukuthi ngimuhle ngamehlo, Kuvele ukuthi ngiqhoshe ngezinyembezi; Ngimuhle, ngimuhle ngingowesifazane ngifanelwe.
Ngingaphumulaphi ngaphandle kwethunzi lami? Ngingaphuzaphi ngaphandle komthombo wami Ngingenzani ngaphandle kwamandla enkosikazi? Ngingowesifazane ohluke ngezenzo, Ngingowesifazane ohlome ngenhlonipho. Ngiyamazisa owesilisa kulo mhlaba, Ngiyalazi iqiniso ngobuhlobo bethu, Ngiyohlale ngiyihlonipha inhloko yomuzi;
Angisoze ngakulibala ukubaluleka kwami emhlabeni,
Angifuni ukushiya lo mhlaba ngingenasabelo ezulwini. - Nonkululeko Mpunzana Ithambo Elingenanyama Saphakulana sodwa njengezilwane zasendle Lesi sibhamu osiphethe ngesandla siyithunzi? Ngoba ezinye izilwane sezavalelwa eziqwini nje Uzobadla yini bonke la bantu obabhubhudla bengenacala?
Isibindi sengwe esingaka sivelaphi, ubudlova obungaka bona?
Mhla sebukhona ubumnandi bokubulala wongitshela?
Ezinye izizwe ziveze elomhlathi zisibuka igazi lobuwula.
Umuntu usephangalala ngento yakhe ayijulukela ngengcindezi.
Maluju! Bantu bakithi, nakhu sibhokodana sodwa,
Siyizixhwanguxhwangu nje sibanga ithambo elingenanyama.
Inzuzo phela ithambo elingenanyama! - B.B. Gumede IKHASI ELIKHOKHELWE