Imizamo yokutakula isikole
BAFUNA ukuthuthukisa izikole zakudala ezazenza kahle abafundi baseNkamana High, eseFilidi, KwaZulu-Natal njengoba bezoba nomcimbi wokuqoqa imali yesikhwama salesi sikole.
UMnuz Ntokozo Biyela oyilungu lekomiti lababefunda eNkamana High utshele Isolezwe ukuthi bazoba nomcimbi wokufaka imali esikhwameni sesikole ozoba ngo-Agasti 26, eLangeni Hotel, eThekwini.
Uthe umcimbi wokuqala wawuseGauteng ngonyaka odlule kanti kulo nyaka bakhethe ukuwuletha eThekwini ngoba bafuna ukuhambela zonke izifundazwe.
“Sasungula ikomiti labafundi bakudala baseNkamana ngenhloso yokufaka imali esikhwameni sesikole. Lokhu sakwenza ngoba sithole umbiko wokuthi isikole singase sivalwe ngenxa yokuthi imali yomxhaso eyayivela eGermany yayingasangeni,” kusho uBiyela.
Uthe ngeke babheke iNkamana High kuphela kodwa bazolekelela zonke izikole ezazisungulwe ngamaRoma esezidonsa kanzima.
Uma sebeqede lezi zikole uthe bazobheka nezinye izikole ezazenza kahle kudala abale kuzo iVukuzakhe yaseMlaza.
Abantu abazohambela umcimbi waseNkamana bazothola inkulumo kaNgqongqoshe wezeMfundo KwaZuluNatal uMnuz Mthandeni Dlungwane, kuzobe kukhona abafundi bakudala ohlelweni okubalwa umlingisi wemidlalo yethelevishini uBuyile Mdladla, Phindi Mthethwa, Dkt Mavuso Msimang oyisikhulu esiphezulu se-OR Tambo Foundation, Mnuz Mxolisi Nkosi owayeyiMenenja kaMasipala waseMsunduzi, Nkk Mpumi Zikalala oyiPhini likaSihlalo wenkampani yezimayini iDe Beers noNkk Tholakele Dlamini ongumsomabhizinisi.
Abafisa ukuba yingxenye yalo mcimbi kufanele bakhokhe u-R500 kwi-akhawunti yeThe Inkamana Alumni Association eseStandard Bank, imininingwane itholakala ngokuthumela i-email ku-alumni.treasurer@ inkamanahigh.co.za